Efesu 3:1-21
3 Ngenxa yalokhu mina, Pawulu, isiboshwa+ sikaKristu Jesu ngenxa yenu, abantu bezizwe+—
2 uma, ngempela, nizwile ngobuphathi+ bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu enginikwe bona kucatshangwa ngani,
3 ukuthi ngaziswa imfihlo engcwele ngesambulo,+ njengoba nje ngaloba kafushane ngaphambili.
4 Ngalokhu-ke nina, lapho nifunda lokhu, ningakuqaphela ukuqonda+ enginakho kule mfihlo engcwele+ kaKristu.
5 Kwezinye izizukulwane le mfihlo+ ayizange yaziswe kubantwana babantu njengoba manje yambuliwe+ ngomoya kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi,+
6 ewukuthi, ukuba abantu bezizwe babe yizindlalifa kanye nathi namalungu omzimba+ akanye nathi nabahlanganyeli kanye nathi esithembisweni,+ simunye noKristu Jesu ngezindaba ezinhle.
7 Ngaba isikhonzi+ salokhu ngokwesipho sesihle somusa ongafanelwe kaNkulunkulu engawunikwa ngokwendlela amandla akhe asebenza ngayo.+
8 Lo musa ongafanelwe+ waphiwa mina, engingumuntu omncane kunomncane+ kunabo bonke abangcwele, ukuba ngimemezele ezizweni+ izindaba ezinhle zengcebo+ kaKristu engenakuqondakala
9 futhi ngenze abantu babone ukuthi iqondiswa+ kanjani le mfihlo engcwele+ leyo esikhathini esidlule esingaziwa ebilokhu ifihlwe kuNkulunkulu, owadala zonke izinto.+
10 Lokhu kwenziwa ngenjongo yokuba ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okuhlukahlukene kakhulu+ manje kwenziwe kwaziwe ngebandla+ kohulumeni nasemagunyeni+ asezindaweni zasezulwini,
11 ngokwenjongo engunaphakade ayakha mayelana noKristu,+ uJesu iNkosi yethu,
12 okungaye sinale nkululeko yokukhuluma nokusondela+ ngokuqiniseka ngokholo lwethu kuye.
13 Ngakho-ke, ngiyanicela ukuba ningayeki ngenxa yalezi zinsizi+ zami ngenxa yenu, ngoba zisho inkazimulo kini.
14 Ngenxa yalokhu ngiguqa+ kuBaba,+
15 eqanjwe+ ngaye yonke imindeni yasezulwini neyasemhlabeni,+
16 ngenjongo yokuba aninike ngokwengcebo+ yenkazimulo yakhe ukuba nenziwe nibe namandla kumuntu eninguye ngaphakathi+ ngamandla esebenzisa umoya wakhe,+
17 ukuze uKristu ahlale ngokholo lwenu ezinhliziyweni zenu ngothando;+ ukuze nigxile+ futhi nime esisekelweni,+
18 ukuze kanye nabo bonke abangcwele nikwazi ngokuphelele ukuqonda+ ububanzi nobude nokuphakama nokujula,+
19 futhi nilwazi uthando lukaKristu+ oludlula ulwazi, ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala+ uNkulunkulu akunikezayo.
20 Manje kulowo, ngokwamandla akhe asebenza+ kithi, ongenza okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangelayo,+
21 kuye makube yinkazimulo ngebandla nangoKristu Jesu kuzo zonke izizukulwane kuze kube phakade naphakade.+ Amen.