Duteronomi 5:1-33
5 UMose wabiza wonke u-Israyeli+ wathi kuye: “O Israyeli, yizwa iziqondiso nezinqumo zokwahlulela+ engizikhuluma ezindlebeni zenu namuhla, nizifunde futhi niqaphele ukuba nizenze.+
2 UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe.+
3 UJehova akasenzanga nokhokho bethu lesi sivumelwano, kodwa wasenza nathi, thina sonke esiphilayo lapha namuhla.
4 UJehova wakhuluma nani ubuso nobuso entabeni phakathi komlilo.+
5 Ngangimi phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi+ ukuze nginitshele izwi likaJehova, (ngoba nanesaba ngenxa yomlilo futhi anikhuphukelanga entabeni,)+ elithi,
6 “‘NginguJehova uNkulunkulu wakho,+ owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yezigqila.+
7 Ungalokothi ube nabanye onkulunkulu ngokumelene nobuso bami.+
8 “‘Akumelwe uzenzele umfanekiso oqoshiwe+ nanoma isiphi isimo+ esinjenganoma yini esemazulwini phezulu noma esemhlabeni phansi noma esemanzini ngaphansi komhlaba.
9 Akumelwe ukukhothamele noma uholelwe ukuba ukukhonze,+ ngoba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu ofuna ukuzinikela kimi kuphela,+ oletha isijeziso ngenxa yesiphambeko soyise kubantwana nasesizukulwaneni sesithathu nesesine, kulabo abangizondayo;+
10 kodwa obonisa umusa wothando esizukulwaneni senkulungwane kulabo abangithandayo bagcine imiyalo yami.+
11 “‘Ungaliphathi ngeze+ igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngoba uJehova ngeke angamjezisi umuntu ophatha igama lakhe ngeze.+
12 “‘Njengoba ugcina usuku lwesabatha ukuze uluphathe njengolungcwele, njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile,+
13 kumelwe unikele inkonzo futhi wenze wonke umsebenzi wakho ngezinsuku eziyisithupha.+
14 Kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha kuJehova uNkulunkulu wakho.+ Akumelwe wenze noma imuphi umsebenzi,+ wena noma indodana yakho noma indodakazi yakho noma isigqila sakho noma isigqilakazi sakho noma inkabi yakho noma imbongolo yakho noma isiphi isilwane sakho osifuyile noma umfokazi okuwe ongaphakathi kwamasango akho,+ ukuze isigqila sakho nesigqilakazi sakho baphumule njengawe.+
15 Kumelwe ukhumbule ukuthi waba yisigqila ezweni laseGibhithe+ futhi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha lapho ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliwe.+ Yingakho uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.+
16 “‘Hlonipha uyihlo nonyoko,+ njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile; ukuze izinsuku zakho zibe zinde futhi kukuhambele kahle+ ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
17 “‘Ungabulali.+
18 “‘Ungaphingi.+
19 “‘Ungebi.+
20 “‘Ungafakazi amanga ngomunye umuntu.+
21 “‘Ungafisi umfazi+ womunye umuntu. Unganxaneli ngobugovu indlu yomunye umuntu, insimu yakhe noma isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe, inkomo yakhe noma imbongolo yakhe noma yini engeyomunye umuntu.’+
22 La maZwi uJehova wawakhuluma kulo lonke ibandla lenu entabeni phakathi komlilo,+ ifu nesigayegaye, ngezwi elikhulu, futhi akanezelanga lutho; okwathi ngemva kwalokho wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe wanginika zona.+
23 “Kwathi nje lapho senilizwile izwi elaliphuma phakathi kobumnyama, ngesikhathi intaba ivutha umlilo,+ nasondela kimi, zonke izinhloko zezizwe zenu namadoda enu amadala.
24 Khona-ke nathi, ‘Bheka, uJehova uNkulunkulu wethu usibonise inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, futhi sizwé izwi lakhe liphuma phakathi komlilo.+ Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu angakhuluma nomuntu kodwa aqhubeke ephila.+
25 Manje kungani kufanele sife, ngoba lo mlilo omkhulu ungase usiqothule?+ Uma singaphinda futhi silizwe izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, ngokuqinisekile sizofa.+
26 Ngoba ngubani kuyo yonke inyama oke wezwa izwi likaNkulunkulu+ ophilayo likhuluma phakathi komlilo kodwa waqhubeka ephila njengoba thina silizwile?
27 Wena ngokwakho sondela uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu azokusho; futhi nguwe ozokhuluma nathi konke lokho uJehova uNkulunkulu wethu azokukhuluma kuwe,+ ngokuqinisekile sizolalela futhi senze.’
28 “Ngakho uJehova wawezwa amazwi enaniwakhuluma lapho nikhuluma nami, futhi uJehova waqhubeka wathi kimi, ‘Ngiwazwile amazwi akhulunywa yilesi sizwe, esiwakhulumile kuwe. Senzé kahle kukho konke esikukhulumile.+
29 Ukube nje besiyoyihlakulela le nhliziyo yaso ukuba singesabe+ futhi sigcine yonke imiyalo yami+ ngaso sonke isikhathi, ukuze kusihambele kahle sona nabantwana baso kuze kube nini nanini!+
30 Hamba uthi kuso: “Buyelani ekhaya ematendeni enu.”
31 Wena yima lapha nami, mangikhulume kuwe wonke umyalo nazo zonke iziqondiso nezinqumo zokwahlulela okufanele usifundise+ zona nalezo okufanele sizenze ezweni engisinika lona ukuba silidle.’
32 Kumelwe niqaphele ukwenza njengoba nje uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile.+ Akumelwe niphendukele kwesokunene noma kwesobunxele.+
33 Kufanele nihambe ngayo yonke indlela uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo,+ ukuze niphile futhi kube kuhle kini+ futhi ngempela nizandise izinsuku zenu ezweni enizolidla.