Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

Duteronomi 16:1-22

16  “Makugcinwe inyanga ka-Abhibhi,+ futhi kumelwe ugubhele uJehova uNkulunkulu wakho iphasika,+ ngoba ngenyanga ka-Abhibhi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku.+  Kumelwe uhlabele uJehova uNkulunkulu wakho iphasika,+ emhlambini wezimvu nasemhlambini wezinkomo,+ endaweni uJehova ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.+  Ungadli lutho olufakwe imvubelo kanye nalo izinsuku eziyisikhombisa.+ Kufanele ulidle kanye namaqebelengwane angenamvubelo, isinkwa sokuhlupheka, ngoba waphuma ezweni laseGibhithe uphuthuma,+ ukuze ukhumbule usuku lokuphuma kwakho ezweni laseGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.+  Futhi akukho nhlama ebilisiwe okufanele ibonakale kuwe kuyo yonke indawo yakho izinsuku eziyisikhombisa,+ futhi akufanele inyama oyoyihlaba kusihlwa ngosuku lokuqala ihlale ubusuku bonke kuze kube sekuseni.+  Ngeke uvunyelwe ukuba iphasika ulihlabele kunoma imuphi wemizi yakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika yona.  Kodwa endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo,+ yilapho okufanele ulihlabele khona iphasika kusihlwa ngokushesha nje lapho ilanga lishona,+ ngesikhathi esimisiwe sokuphuma kwakho eGibhithe.  Kumelwe ulipheke futhi ulidlele+ endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha,+ ekuseni uphenduke uye ematendeni akho.  Kufanele udle amaqebelengwane angenamvubelo izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa kuyoba nombuthano onesizotha owenzelwa uJehova uNkulunkulu wakho.+ Akumelwe wenze noma yimuphi umsebenzi.  “Kufanele uzibalele amasonto ayisikhombisa. Uyoqala ukuwabala la masonto ayisikhombisa kusukela lapho isikela liqala ukufakwa kokusanhlamvu kwakho okusamile.+ 10  Khona-ke kumelwe ugubhele uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi wamasonto,+ ngokuvumelana nomnikelo wokuzithandela wesandla sakho oyowunikela, njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho engase akubusise.+ 11  Kumelwe ujabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho,+ wena nendodana yakho nendodakazi yakho nesigqila sakho nesigqilakazi sakho nomLevi ongaphakathi kwamasango akho nomfokazi+ nentandane+ nomfelokazi,+ abaphakathi kwakho, endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.+ 12  Kumelwe ukhumbule ukuthi waba yisigqila eGibhithe,+ futhi kumelwe uzigcine futhi uzifeze lezi ziqondiso.+ 13  “Kufanele uzigubhele umkhosi wamadokodo+ izinsuku eziyisikhombisa lapho ubutha okusesibuyeni sakho nasesikhamweni sakho samafutha nesewayini. 14  Kumelwe ujabule phakathi nalo mkhosi wakho,+ wena nendodana yakho nendodakazi yakho nesigqila sakho nesigqilakazi sakho nomLevi nomfokazi nentandane nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho. 15  Izinsuku eziyisikhombisa uyomgubhela umkhosi+ uJehova uNkulunkulu wakho endaweni uJehova ayoyikhetha, ngoba uJehova uNkulunkulu wakho uyokubusisa+ kuwo wonke umkhiqizo wakho nakuzo zonke izenzo zesandla sakho, kumelwe nijabule nje kuphela.+ 16  “Kathathu ngonyaka bonke abesilisa bakho kufanele bavele phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha:+ ngomkhosi wamaqebelengwane angenamvubelo+ nangomkhosi wamasonto+ nangomkhosi wamadokodo,+ akekho okufanele avele phambi kukaJehova elambatha.+ 17  Isipho sesandla salowo nalowo kufanele silingane nesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akunike sona.+ 18  “Kufanele uzimisele abahluleli+ nezikhulu+ ngaphakathi kwawo wonke amasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona ngokwezizwe zakho, bahlulele abantu ngokwahlulela okulungile. 19  Ungasiphendukezeli isahlulelo.+ Ungabi okhethayo+ noma wamukele isifumbathiso, ngoba isifumbathiso siphuphuthekisa amehlo abahlakaniphileyo+ futhi sihlanekezela amazwi abalungileyo. 20  Ubulungisa—ubulungisa yibo okufanele ubuphishekele,+ ukuze uqhubeke uphila futhi ulithathe impela izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.+ 21  “Akumelwe uzitshalele noma yiluphi uhlobo lomuthi njengesigxobo esingcwele eduze kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho oyozenzela lona.+ 22  “Futhi akufanele uzimisele insika engcwele,+ into uJehova uNkulunkulu wakho ayizondayo impela.+

Imibhalo yaphansi