IHubo 81:1-16
Kumqondisi weGititi.+ Elika-Asafa.
81 Khamulukani ngenjabulo kuNkulunkulu amandla ethu;+Memezani uNkulunkulu kaJakobe ngokunqoba.+
2 Qalani ihubo+ nithathe ithamborini,+Ihabhu elimnandi kanye nensimbi yomculo enezintambo.+
3 Shayani uphondo ngokwethwasa kwenyanga;+Ngenyanga edilingene, ngenxa yosuku lomkhosi wethu.+
4 Ngoba kuyisiqondiso ku-Israyeli,+Isinqumo sokwahlulela sikaNkulunkulu kaJakobe.
5 Wasibeka phezu kukaJosefa njengesikhumbuzo,+Lapho ephumela phezu kwezwe laseGibhithe.+Ngaqhubeka ngizwa ulimi engangingalwazi.+
6 “Ngasusa ihlombe lakhe nasemthwalweni osindayo;+Izandla zakhe zakhululeka kubhasikidi.+
7 Wabiza usekucindezelekeni, ngakophula;+Ngakuphendula ngisendaweni ecashile yokuduma.+Ngakuhlola emanzini aseMeriba.+ Sela.
8 Yizwani, bantu bami, ngizofakaza ngokumelene nani,+O Israyeli, uma uzongilalela.+
9 Phakathi kwakho ngeke abe khona unkulunkulu ongaziwa;+Futhi ngeke ukhothamele unkulunkulu wesinye isizwe.+
10 Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho,+Okukhuphulayo ezweni laseGibhithe.+Vula umlomo wakho kakhulu, ngizowugcwalisa.+
11 Kodwa isizwe sami asililalelanga izwi lami;+U-Israyeli akakubonisanga ukuthambekela ngakimi.+
12 Ngakho ngasivumela ukuba sihambe ngenkani yenhliziyo yaso;+Sahamba ngezeluleko zaso.+
13 O ukube isizwe sami besingilalela,+Ukube u-Israyeli ubeyohamba khona impela ezindleleni zami!+
14 Izitha zakhe bengiyozinqoba kalula,+Futhi bengiyophendulela isandla+ sami kwabaphikisana naye.
15 Labo abamzonda kakhulu uJehova, bayoza kuye bethothongene,+Isikhathi sabo siyoba khona kuze kube nini nanini.
16 Uyoqhubeka emondla ngamanoni kakolweni,+Futhi ngiyokwanelisa ngoju oluphuma edwaleni.”+