IHubo 78:1-72
Imaskili. Elika-Asafa.+
78 Bekani indlebe emthethweni wami, bantu bami;+Thambekiselani indlebe yenu emazwini omlomo wami.+
2 Ngizovula umlomo wami ngesaga;+Ngizokwenza ukuba kuphuphume izimfumbe zakudala,+
3 Esizizwile nesizaziyo,+Obaba bethu abasilandisa zona;+
4 Esingazifihli emadodaneni abo,+Esizilandisa ngisho nasesizukulwaneni esizayo,+Izindumiso zikaJehova nezikhwepha zakhe+Nezinto zakhe ezimangalisayo azenzile.+
5 Wavusa isikhumbuzo kwaJakobe,+Wamisa umthetho kwa-Israyeli,+Izinto aziyala okhokho bethu,+Ukuba bazazise amadodana abo;+
6 Ukuze isizukulwane esizayo, amadodana ayezozalwa azazi,+Ukuze asukume azilandise emadodaneni awo,+
7 Abeke ithemba lawo kuNkulunkulu+Futhi angazikhohlwa izenzo zikaNkulunkulu+ kodwa agcine imiyalo yakhe.+
8 Angabi njengokhokho bawo,+Isizukulwane esinenkani nesidlubulundayo,+Isizukulwane esasingayilungisanga inhliziyo yaso+Nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.+
9 Amadodana ka-Efrayimi, nakuba ayengabacibisheli bomnsalo abahlomile,+Ahlehla ngosuku lokulwa.+
10 Awasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu,+Enqaba ukuhamba emthethweni wakhe.+
11 Futhi azikhohlwa izenzo zakhe+Nemisebenzi yakhe yamandla awabonisa yona.+
12 Phambi kokhokho bawo wayenzé ngendlela emangalisayo+Ezweni laseGibhithe,+ ukhalo lwaseZowani.+
13 Waqhekeza ulwandle, ukuze abawelise,+Futhi wabangela amanzi ukuba ame njengedamu.+
14 Waqhubeka ebahola ngefu emini+Nangokukhanya komlilo ubusuku bonke.+
15 Waqhekeza amadwala ehlane,+Ukuze abaphuzise amathantala amanzi njengotwa.+
16 Waveza imifudlana edwaleni+Ebangela amanzi ukuba ageleze njengemifula.+
17 Baqhubeka bona kuye ngokwengeziwe+Ngokudlubulunda koPhezukonke esifundeni esingenamanzi;+
18 Bamvivinya uNkulunkulu enhliziyweni yabo+Ngokucelela umphefumulo wabo okudliwayo.+
19 Ngakho baqala ukukhuluma ngokumelene noNkulunkulu.+Bathi: “Ingabe uNkulunkulu uyakwazi ukulungiselela itafula ehlane?”+
20 Bheka! Washaya idwala+Ukuze amanzi ageleze nezifufula ngokwazo ziphume njengesikhukhula.+“Ingabe uyakwazi futhi ukunika isinkwa,+Noma angabalungiselela yini abantu bakhe okokuzisekela?”+
21 Yingakho uJehova ezwa futhi wafutheka;+UJakobe wabaselwa umlilo,+Intukuthelo yenyukela u-Israyeli.+
22 Ngoba akazange abe nokholo kuNkulunkulu,+Akazange athembele ensindisweni yakhe.+
23 Wayala isibhakabhaka esinamafu ngaphezulu,Wavula iminyango yezulu ngokwayo.+
24 Wabanisela imana ukuze badle,+Wabanika okusanhlamvu kwasezulwini.+
25 Abantu badla isinkwa sabanamandla;+Wabathumelela umphako baze baneliseka.+
26 Wenza umoya wasempumalanga ukuba uvuke emazulwini+Futhi wenza iningizimu ukuba ivunguze ngezikhwepha zakhe.+
27 Wehlisela phezu kwabo okokuzisekela okungangothuli,+Yebo izidalwa ezindizayo ezinamaphiko ezingangezihlabathi zezilwandle.+
28 Waqhubeka enza ukuba ziwele phakathi kwekamu lakhe,+Nxazonke zamatabernakele akhe.+
29 Badla bazanelisa kakhulu.+Ababekufisa wakuletha kubo.+
30 Babengakadedi esifisweni sabo,Nokudla kwabo kwakusesemlonyeni wabo,+
31 Lapho ulaka lukaNkulunkulu lunyukela kubo.+Wabulala phakathi kwabayizidlakela babo;+Waziwisa izinsizwa zika-Israyeli.
32 Naphezu kwakho konke lokhu baphinde bona+Bangaba nokholo emisebenzini yakhe emangalisayo.+
33 Ngakho waqeda izinsuku zabo njengokungathi ziwumoya nje okhishwa ngamakhala,+Neminyaka yabo ngesiphazamiso.
34 Njalo lapho ebabulala, babemfuna futhi,+Babebuya bamfune uNkulunkulu.+
35 Baqala ukukhumbula ukuthi uNkulunkulu wayeyiDwala labo,+Nokuthi uNkulunkulu oPhezukonke wayenguMphindiseli wabo.+
36 Bazama ukumkhohlisa ngomlomo wabo;+Nangolimi lwabo bazama ukuqamba amanga kuye.+
37 Inhliziyo yabo yayingagxilile kuye;+Futhi abazange bathembeke esivumelwaneni sakhe.+
38 Kodwa wayenesihe;+ wayesimboza isiphambeko+ futhi engalethi incithakalo.+Kaningi wayibuyisa intukuthelo yakhe,+Futhi wayengakuvusi konke ukufutheka kwakhe.
39 Wayelokhu ekhumbula ukuthi bayinyama,+Ukuthi umoya uyaphuma ungabuyi.+
40 Yeka ukuthi babedlubulunda kaningi kangakanani kuye ehlane,+Babemenza azizwe kabuhlungu ogwadule!+
41 Ngokuphindaphindiwe babevivinya uNkulunkulu,+Bamzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli.+
42 Abazange basikhumbule isandla sakhe,+Usuku abakhulula ngalo kophikisana nabo,+
43 Indlela abeka ngayo izibonakaliso zakhe eGibhithe+Nezimangaliso zakhe okhalweni lwaseZowani;+
44 Nendlela aphendula ngayo imiselekazi yabo yeNayile yaba yigazi,+Kangangokuba babengenakuphuza emifudlaneni yabo.+
45 Wathumela kubo izibawu, ukuba zibadle;+Namaxoxo, ukuba abachithe.+
46 Wanika amaphela isivuno sabo,Nezinkumbi ukukhandleka kwabo.+
47 Wabulala umvini wabo ngisho nangesichotho+Nemisikhamori yabo ngamatshe esichotho.+
48 Wanikela izilwane zabo ezithwalayo esichothweni+Nemfuyo yabo emfiveni enamandla.
49 Wathumela phezu kwabo intukuthelo yakhe evuthayo,+Ukufutheka nokulahla nokucindezeleka,+Amanxusa ayizingelosi aletha inhlekelele.+
50 Walungisela intukuthelo yakhe indlela.+Akazange awugodle umphefumulo wabo ekufeni;Ukuphila kwabo wakunikela nasesifweni esiwumshayabhuqe.+
51 Ekugcineni wabulala wonke amazibulo eGibhithe,+Ukuqala kwamandla abo okuzala ematendeni kaHamu.+
52 Ngemva kwalokho wabangela abantu bakhe ukuba bamuke njengomhlambi,+Wabahola njengomhlambi ehlane.+
53 Waqhubeka ebahola ngokulondeka, abafikelwanga ngebhe;+Ulwandle lwamboza izitha zabo.+
54 Wabaletha endaweni yakhe engcwele,+Lesi sifunda sezintaba isandla sakhe sokunene esazitholela sona.+
55 Kancane kancane waxosha izizwe ngenxa yabo,+Ngomucu wokulinganisa wababela ifa,+Wabangela izizwe zakwa-Israyeli ukuba zihlale emakhaya azo.+
56 Bamvivinya futhi badlubulunda kuNkulunkulu oPhezukonke,+Abazange bazigcine izikhumbuzo zakhe.+
57 Baqhubeka nokuhlubuka futhi benza ngokukhohlisa njengokhokho babo;+Baphenduka njengomnsalo oxegayo.+
58 Babelokhu bemcasula ngezindawo zabo eziphakeme,+Bemvusela umhawu ngemifanekiso yabo ebaziwe.+
59 UNkulunkulu wezwa+ wafutheka,+Ngakho wameya kakhulu u-Israyeli.+
60 Ekugcineni walishiya itabernakele laseShilo,+Itende ahlala kulo phakathi kwabantu basemhlabeni.+
61 Wanikela izikhwepha zakhe ekuthunjweni+Nobuhle bakhe esandleni somphikisi.+
62 Waqhubeka enikela abantu bakhe enkembeni,+Walifuthekela ifa lakhe.+
63 Umlilo wazidla izinsizwa zakhe,Nezintombi zakhe azidunyiswanga.+
64 Abapristi bakhe bawa ngenkemba,+Futhi abafelokazi babo abazange bakhale.+
65 Khona-ke uJehova waphaphama njengokungathi wayelele,+Njengonamandla osanguluka ewayinini.+
66 Washaya abaphikisana naye engemuva;+Wabanika isihlamba saphakade.+
67 Walala itende likaJosefa;+Wangasikhetha isizwe sakwa-Efrayimi.+
68 Kunalokho wakhetha isizwe sakwaJuda,+INtaba iZiyoni, ayithandile.+
69 Waqala ukwakha indlu yakhe engcwele njengezindawo eziphakeme,+Njengomhlaba awusekelé kuze kube nini nanini.+
70 Ngakho wakhetha uDavide inceku yakhe+Wamthatha ezibayeni zomhlambi.+
71 Wamlanda ekulandeleni izinsikazi ezincelisayo+Wamletha ukuba abe umelusi phezu kukaJakobe isizwe sakhe+Naphezu kuka-Israyeli ifa lakhe.+
72 Waqala ukubelusa ngokobuqotho benhliziyo yakhe,+Nangekhono lezandla zakhe waqala ukubahola.+