IHubo 75:1-10
Kumqondisi. “Ungachithi.” Ihubo. Elika-Asafa.+ Ingoma.
75 Siyakubonga, Nkulunkulu; siyakubonga,+Igama lakho liseduze.+Abantu kumelwe bamemezele imisebenzi yakho emangalisayo.+
2 “Ngathatha isikhathi esimisiwe;+Ngaqala ukwahlulela ngobuqotho.+
3 Umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo kwakuncibilikiswa,+Yimi engalungisa izinsika zawo.”+ Sela.
4 Ngathi kwabayiziwula: “Ningabi yiziwula,”+Nakwababi: “Ningaluphakamisi uphondo.+
5 Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu.Ningakhulumi ngentamo ezikhukhumezayo.+
6 Ngoba akukho ukuphakanyiswa okuvela empumalangaNoma entshonalanga noma eningizimu.
7 Ngoba uNkulunkulu ungumahluleli.+Lona uyamehlisa, lowaya amphakamise.+
8 Ngoba kukhona indebe esandleni sikaJehova,+Iwayini likhihlika ingwebu, ligcwele inhlanganisela.Ngokuqinisekile uyoyithulula inhlese yalo ekuyo;Bonke ababi bomhlaba bayoyihluza, bayiphuze.”+
9 Kepha mina, ngiyolandisa ngakho kuze kube nini nanini;Ngiyohubela uNkulunkulu kaJakobe.+
10 “Ngiyozinquma zonke izimpondo zababi.”+Izimpondo zolungile ziyophakanyiswa.+