IHubo 74:1-23
Imaskili. Elika-Asafa.+
74 Kungani, Nkulunkulu, ulahlé kwaze kwaba phakade?+Kungani intukuthelo yakho iqhubeka ithunqela umhlambi wedlelo lakho?+
2 Khumbula inhlangano yakho owazitholela yona kudala,+Isizwe owasikhulula ukuba sibe yifa lakho,+Le Ntaba iZiyoni ohlalé kuyo.+
3 Phakamisela izinyathelo zakho ezincithakalweni ezimiyo njalo.+Yonke into isitha siyiphathé kabi endaweni engcwele.+
4 Labo abanobutha kuwe babhongile phakathi nendawo yakho yokuhlangana.+Bamisé izibonakaliso zabo njengokuyizona zibonakaliso.+
5 Umuntu uba nedumela elibi ngokuba afane nophakamisela ihlozi lemithi izimbazo.
6 Manje kona kanye okuqoshiweyo kwalo, konke ngothi lwako, bakushaya ngisho nangezembe nangezingongolo ezinesihloko sensimbi.+
7 Bafaké indlu yakho engcwele emlilweni.+Bangcolisé itabernakele legama lakho baliwisela phansi emhlabathini.+
8 Bona, ngisho nenzalo yabo, bathé enhliziyweni yabo kanyekanye:“Zonke izindawo zokuhlangana zikaNkulunkulu kumelwe zishiswe ezweni.”+
9 Asizibonanga izibonakaliso zethu; akasekho umprofethi,+Futhi akekho noyedwa kithi owaziyo ukuthi kuyoze kube nini.
10 O Nkulunkulu, Kuyoze kube nini ophikisana nawe elokhu ehlambalaza?+Ingabe isitha sizolokhu siphatha igama lakho ngendelelo kuze kube phakade?+
11 Kungani ugcina isandla sakho, yebo isandla sakho sokunene sigodliwe sasuka+Phakathi kwesifuba sakho ukuba siqedwe?
12 Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kusukela kudala,+Yena owenza insindiso enkulu phakathi komhlaba.+
13 Wena wanyakazisa ulwandle ngezikhwepha zakho;+Wephula amakhanda ezilo zasolwandle emanzini.+
14 Wena wachoboza amakhanda kaLeviyathani aba yizicucu.+Wakunika abantu kwaba ukudla, labo abahlala ezifundeni ezingenamanzi.+
15 Nguwe owaqhekeza isiphethu nesifufula;+Wena ngokwakho wayomisa imifula egeleza njalo.+
16 Imini ingeyakho; nobusuku bungobakho.+Wena ngokwakho walungiselela inkanyiso, yebo ilanga.+
17 Nguwe owamisa yonke imingcele yomhlaba;+Ihlobo nobusika—kwenziwa nguwe ngokwakho.+
18 Khumbula lokhu: Isitha sihlambalazile, Jehova,+Nabantu abangenangqondo baliphathé ngendelelo igama lakho.+
19 Ungawuniki isilo sasendle umphefumulo wehobhe lakho.+Ungakukhohlwa ukuphila kwabahluphekile bakho kuze kube phakade.+
20 Bheka isivumelwano,+Ngoba izindawo ezimnyama zomhlaba zigcwele izindawo zokuhlala zobudlova.+
21 O kwangathi ochotshoziwe angebuye ejabhile.+Kwangathi ohluphekile nompofu bangadumisa igama lakho.+
22 Sukuma, Nkulunkulu, singatha udaba omangalelwe ngalo.+Sikhumbule usuku lonke isihlamba ongenangqondo asilethe kuwe.+
23 Ungalikhohlwa izwi lalabo abanobutha kuwe.+Umsindo walabo abakuvukelayo unyuka njalo.+