IHubo 73:1-28
Ihubo lika-Asafa.+
73 Impela uNkulunkulu muhle ku-Israyeli, kulabo abahlanzekile enhliziyweni.+
2 Mina, kusale kancane ukuba izinyawo zami ziphambuke,+Kusale kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.+
3 Ngoba ngaba nomona ngabaziqhayisayo,+Lapho ngibona ukuthula kwabantu ababi.+
4 Ngoba abanayo imihelo yokufa;+Futhi banomkhaba omkhulu.+
5 Abekho ngisho nasenkathazweni yomuntu ofayo,+Futhi abahlushwa njengabanye abantu.+
6 Ngakho-ke ukuzidla kuye kwaba umgexo kubo;+Ubudlova buyabagubuzela njengengubo.+
7 Iso labo liqhunsukile ngenxa yokukhuluphala;+Badlulelé ngalé kwemicabango yenhliziyo.+
8 Bayakloloda futhi bakhuluma ngokubi;+Bakhuluma ngokuphamba ngendlela ephakeme.+
9 Umlomo wabo bawubeke emazulwini uqobo,+Nolimi lwabo luhambahamba emhlabeni.+
10 Ngakho-ke ubuyisa abantu bakhe lapha,Amanzi alokho okugcwele athululelwa bona.
11 Bathé: “UNkulunkulu wazé kanjani?+Ingabe lukhona ulwazi koPhezukonke?”+
12 Bheka! Laba yibo ababi, abanethezekile kuze kube nini nanini.+Bakwandisile abaziphilisa ngakho.+
13 Impela inhliziyo yami ngiyihlanzé ngeze+Nezandla zami ngizigezelé ize ngobumsulwa.+
14 Ngahlushwa usuku lonke,+Futhi ngiyaqondiswa njalo ekuseni.+
15 Ukube bengithé: “Ngizolandisa indaba enjengaleyo,”Bheka! Bengiyobe ngenzé ngokukhohlisaEsizukulwaneni samadodana akho.+
16 Ngaqhubeka ngicabangisisa ukuze ngikwazi lokhu;+Kwakuyinkathazo emehlweni ami,
17 Kwaze kwaba yilapho ngingena endlini engcwele enkulu kaNkulunkulu.+Ngangifuna ukuqonda ikusasa labo.+
18 Ngokuqinisekile ubabeka emhlabathini oshelelayo.+Ubenzé bawela ezincithakalweni.+
19 O yeka ukuthi babé yinto eshaqisa kanjani njengokungathi ngomzuzwana nje!+Yeka indlela abaye bafinyelela ngayo ekupheleni kwabo, abaye baqedwa ngayo ngokwesabisa kakhulu obekungazelelwe!
20 O Jehova, njengephupho ngemva kokuphaphama,+Uyowudelela kanjalo umfanekiso wabo lapho uvuka.+
21 Ngoba inhliziyo yami yenziwa yaba muncu+Ngazwiswa ubuhlungu obuhlabayo ezinsweni zami,+
22 Ngangingongacabangiyo futhi ngangingeke ngazi;+Ngaba njengezilwane nje ngokombono wakho.+
23 Kodwa nginawe njalo;+Usibambile isandla sami sokunene.+
24 Uyongihola ngeseluleko sakho,+Kamuva uyongithatha ungiyise ngisho nasenkazimulweni.+
25 Ubani enginaye emazulwini?+Ngaphandle kwakho anginakho okunye ukujabula emhlabeni.+
26 Umzimba wami nenhliziyo yami kuyekile ukusebenza.+UNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube nini nanini.+
27 Ngoba, bheka! bona kanye abadedayo kuwe bayoshabalala.+Ngokuqinisekile uyobathulisa bonke abakushiya ngokuziphatha okubi.+
28 Kepha mina, ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.+Isiphephelo sami ngisibeké eNkosini EnguMbusi uJehova,+Ukuba ngimemezele yonke imisebenzi yakho.+