IHubo 72:1-20
Ngokuqondene noSolomoni.
72 O Nkulunkulu, nika inkosi izinqumo zakho zokwahlulela,+Nendodana yenkosi ukulunga kwakho.+
2 Kwangathi ingamela udaba lwabantu bakho ngokulunga+Nolwabahluphekile bakho ngesinqumo sokwahlulela.+
3 Izintaba mazithwale ukuthula zikuyise kubantu,+Namagquma futhi, ngokulunga.
4 Mayahlulele abahluphekile kubantu,+Mayisindise amadodana ompofu,Futhi mayimchoboze umphambi.
5 Bayokwesaba uma nje kusenelanga,+Naphambi kwenyanga isizukulwane ngesizukulwane.+
6 Iyokwehla njengemvula yehlela otshanini obugundiwe,+Njengezihlambi ezinkulu ezimanzisa umhlaba.+
7 Ezinsukwini zayo olungile uyohluma,+Kanye nokuchichima kokuthula ize ingabe isaba khona inyanga.+
8 Iyoba nezikhonzi kusukela olwandle kuze kube solwandle+Kusukela eMfuleni+ kuze kube semikhawulweni yomhlaba.+
9 Abakhé ezifundeni ezingenamanzi bayokhothama phambi kwayo,+Nezitha zayo ziyokhotha uthuli.+
10 Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini+—Ayokhokha inkokhiso.+Amakhosi aseSheba nawaseSeba—Ayoletha isipho.+
11 Wonke amakhosi ayowa ngobuso kuyo;+Zonke izizwe ziyoyikhonza.+
12 Ngoba iyokhulula ompofu okhalela usizo,+Nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi.+
13 Iyohawukela ophansi nompofu,+Imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa.+
14 Iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni,Igazi labo liyoba yigugu emehlweni ayo.+
15 Mayiphile,+ futhi mayinikwe elinye legolide laseSheba.+Mayithandazelwe njalo;Mayituswe usuku lonke.+
16 Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni;+Kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.+Isithelo sayo siyoba njengaseLebhanoni,+Futhi abavela emzini bayoqhakaza njengezimila zomhlaba.+
17 Igama layo malihlale kuze kube nini nanini;+Igama layo malande phambi kwelanga,Futhi mabazibusise ngayo;+Zonke izizwe mazithi iyajabula.+
18 Makatuswe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,+Okunguye yedwa owenza imisebenzi emangalisayo.+
19 Futhi malituswe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube nini nanini,+Inkazimulo yakhe mayigcwalise umhlaba wonke.+Amen, Amen.
20 Imithandazo kaDavide, indodana kaJese,+ isiphelile.