IHubo 69:1-36
Kumqondisi weMinduze.+ ElikaDavide.
69 O Nkulunkulu, ngisindise, ngoba amanzi aze afika emphefumulweni.+
2 Ngishoné phansi odakeni olujulile, lapho kungenandawo yokuma.+Ngingené emanzini ajulile,Umsinga ogelezayo ungikhukhulile.+
3 Ngikhathele ukumemeza;+Umphimbo wami ushile.Amehlo ami afiphele lapho ngilindé uNkulunkulu wami.+
4 Abangizonda ngaphandle kwesizathu babé baningi ngisho nangaphezu kwezinwele zekhanda lami.+Labo abangithulisayo, beyizitha zami ngaphandle kwesizathu, babé baningi.+Engangingazange ngikuthathe ngokuphanga ngabe sengikubuyisela emuva.
5 O Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami,Ukuba necala kwami bekungafihlekile kuwe.+
6 Kwangathi labo abathemba wena bangebe namahloni ngenxa yami,+O Nkosi EnguMbusi, Jehova wamabutho.+Kwangathi labo abakufunayo bangangajabha ngenxa yami,+Nkulunkulu ka-Israyeli.+
7 Ngoba ngithwele isihlamba ngenxa yakho,+Ukululazeka kumbozé ubuso bami.+
8 Kubafowethu ngibé ohlukanisiwe,+Kumadodana kamama ngingowesinye isizwe.+
9 Ngoba intshiseko ngendlu yakho ingidlile,+Nazo kanye izihlamba zabakuhlambalazayo zehlele phezu kwami.+
10 Ngakhala ngokuzila ukudla komphefumulo wami,+Kodwa kwaba yizihlamba kimi.+
11 Lapho ngenza indwangu yesaka ibe yisembatho sami,Khona-ke ngaba yisaga kubo.+
12 Labo abahlezi esangweni baqala ukuzikhathaza ngami,+Futhi ngangiyisihloko sezingoma zezinseli zophuzo oludakayo.+
13 O Jehova, mina umthandazo wami wawubhekiswe kuwe,+Ngesikhathi esamukelekayo, Nkulunkulu.+Ngobuningi bomusa wakho wothando ngiphendule ngeqiniso lensindiso yakho.+
14 Ngikhiphe odakeni, ukuze ngingashoni phansi.+Kwangathi ngingakhululwa kulabo abangizondayo+ nasemanzini ajulile.+
15 Kwangathi umsinga wamanzi ogelezayo ungengikhukhule,+Nokujula kungengigwinye,Nomthombo ungengivalele emlonyeni wawo.+
16 Ngiphendule, Jehova, ngoba umusa wakho wothando muhle.+Phendukela kimi ngokobuningi besihe sakho,+
17 Ungabufihli ubuso bakho encekwini yakho.+Ngoba ngisebunzimeni obukhulu, ngiphendule ngokushesha.+
18 Sondela eduze komphefumulo wami, uwophule;+Ngikhulule ngenxa yezitha zami.+
19 Wena usazile isihlamba sami nehlazo lami nokululazeka kwami.+Bonke abanobutha nami baphambi kwakho.+
20 Isihlamba sephulé inhliziyo yami, leli nxeba alelapheki.+Bengilokhu ngethemba ukuthi othile uzobonisa uzwela, kodwa akubanga khona noyedwa;+Futhi bengithemba ukuthi kuzoba khona abaduduzi, kodwa angitholanga noyedwa.+
21 Kunalokho bangidlisa isitshalo esinoshevu,+Futhi bazama ukungiphuzisa uviniga ukuze ngiqede ukoma kwami.+
22 Itafula labo phambi kwabo malibe yisicupho,+Nokungokwenhlalakahle yabo kube ugibe.+
23 Amehlo abo mawabe mnyama ukuze angaboni;+Uxegezelise izinqulu zabo njalo.+
24 Thululela phezu kwabo isijeziso sakho sokulahla,+Kwangathi intukuthelo yakho evuthayo ingabafica.+
25 Ikamu labo elibiyelwe ngodonga malibe yincithakalo;+Kwangathi kungebe khona ohlala ematendeni abo.+
26 Ngoba bamxoshile lowo omshayile wena,+Nezinhlungu zalabo abagwazwe nguwe balokhu belandisa ngazo.
27 Yenezela isiphambeko phezu kwesiphambeko sabo,+Kwangathi bangengene ekulungeni kwakho.+
28 Mabasulwe encwadini yabaphilayo,+Kwangathi bangelotshwe kanye nabalungile.+
29 Kodwa ngihluphekile futhi ngiyaqaqanjelwa.+O Nkulunkulu, kwangathi insindiso yakho ingangivikela.+
30 Ngizodumisa igama likaNkulunkulu ngengoma,+Futhi ngizomphakamisa ngokubonga.+
31 Lokhu futhi kuyothandeka kakhulu kuJehova kunenkunzi,+Kuneduna lenkomo elinezimpondo, elihlukanisa inselo.+
32 Ngokuqinisekile abamnene bayokubona; bayojabula.+Nina enifuna uNkulunkulu, inhliziyo yenu nayo mayiqhubeke iphila.+
33 Ngoba uJehova uyabalalela abampofu,+Impela ngeke azidelele iziboshwa zakhe.+
34 Izulu nomhlaba makumdumise,+Izilwandle nakho konke okunyakaza kuzo.+
35 Ngoba uNkulunkulu uyolisindisa iZiyoni+Ayakhe imizi yakwaJuda;+Ngokuqinisekile bayohlala lapho badle ifa lalo.+
36 Inzalo yezinceku zakhe iyolizuza njengefa,+Futhi labo abathanda igama lakhe yibo abayohlala kulo.+