IHubo 53:1-6
Kumqondisi weMahalati.+ Imaskili. ElikaDavide.
53 Ongenangqondo uthé enhliziyweni yakhe:“Akekho uJehova.”+
Benzé ngendlela echithayo futhi benzé ngendlela enengekayo ngokungalungi;+Akekho owenza okuhle.+
2 Kepha uNkulunkulu esezulwini, uye wabheka phansi kubantwana babantu,+Ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqondisisa, ofuna uJehova.+
3 Bonke bafulathele, bonke bonakele ngokufanayo;+Akekho owenza okuhle,+Ngisho noyedwa.
4 Akukho muntu yini onolwazi kwabakwenza umkhuba okulimazayo,+Abadla abantu bami njengokungathi badla isinkwa?+Abazange bambize ngisho nokumbiza uJehova.+
5 Bagcwala lapho ingebhe enkulu;+Lapho kwakungekho ngebhe khona;+Ngoba ngokuqinisekile uNkulunkulu uyowahlakaza amathambo anoma ngubani okanisa ngokumelene nawe.+Ngokuqinisekile uyobahlaza, ngoba uJehova ngokwakhe ubalile.+
6 O ukube eZiyoni bekuyovela insindiso enkulu ka-Israyeli!+Lapho uJehova ebutha abathunjiweyo babantu bakhe ebabuyisa,+Makajabule uJakobe, makathokoze u-Israyeli.+