IHubo 52:1-9
Kumqondisi. Imaskili. ElikaDavide, lapho uDowegi umEdomi efika etshela uSawule ukuthi uDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki.+
52 O wena onamandla, kungani uziqhayisa ngokubi?+Umusa wothando kaNkulunkulu ukhona usuku lonke.+
2 Ulimi lwakho luceba okubi, lulolwé njengensingo,+Lusebenza ngenkohliso.+
3 Uthandé okubi ngaphezu kokuhle,+Amanga ngaphezu kokukhuluma ukulunga.+ Sela.
4 Uthandé wonke amazwi ashwabadelayo,+wena lulimi olunenkohliso.+
5 UNkulunkulu naye uzokudiliza kuze kube phakade;+Uzokulahla phansi akususe ngenkani etendeni lakho,+Ngokuqinisekile uzokusiphula ezweni labaphilayo.+ Sela.
6 Abalungile bazokubona lokhu besabe,+Futhi bazomhleka.+
7 Nansi indoda enamandla engamenzi uNkulunkulu inqaba yayo,+Kodwa ethembela ekuchichimeni kwengcebo yayo,+Ekhosela kokubi okubangelwe yiyo.+
8 Kodwa mina ngizoba njengomnqumo+ okhephuzelayo endlini kaNkulunkulu;Ngithembela emseni wothando kaNkulunkulu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.+
9 Ngizokudumisa kuze kube nini nanini, ngoba uthathé isinyathelo;+Ngizothembela egameni lakho, ngoba kuhle, phambi kwabaqotho bakho.+