IHubo 47:1-9
Kumqondisi. Elamadodana kaKhora. Ihubo.
47 Shayani ihlombe, nonke nina zizwe.+Memezani ngokunqoba kuNkulunkulu ngomsindo wokukhamuluka kwenjabulo.+
2 Ngoba uJehova, oPhezukonke, uyesabeka,+UyiNkosi enkulu phezu kwawo wonke umhlaba.+
3 Uyothobisa izizwe ngaphansi kwethu+Namaqembu ezizwe ngaphansi kwezinyawo zethu.+
4 Uyosikhethela ifa,+Iqholo likaJakobe, amthandile.+ Sela.
5 UNkulunkulu wenyukile ngokumemeza kwenjabulo,+UJehova wenyukile ngomsindo wophondo.+
6 Hubelani uNkulunkulu, hubani.+Hubelani iNkosi yethu, hubani.
7 Ngoba uNkulunkulu uyiNkosi yawo wonke umhlaba;+Hubani, nibe nenza ngokuqonda.+
8 UNkulunkulu ube yinkosi phezu kwezizwe.+UNkulunkulu ngokwakhe useye wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.+
9 Izicukuthwane zezizwe zibuthene ndawonye,+Kanye nesizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama.+Ngoba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu.+Uphakeme kakhulu endaweni anyukele kuyo.+