IHubo 46:1-11
Kumqondisi. Elamadodana kaKhora+ emaNtombazaneni.Ingoma.
46 Kithi uNkulunkulu uyisiphephelo namandla,+Usizo olutholakala ngokushesha ngesikhathi sokucindezeleka.+
2 Yingakho singeke sesabe, noma umhlaba ushintsha+Nanoma izintaba zintengantenga ziya enhliziyweni yolwandle olukhulu;+
3 Noma amanzi alo ehlokoma, ekhihliza amagwebu,+Noma izintaba zizamazama ngokuyaluza+ kwalo. Sela.
4 Kukhona umfula imifudlana yawo eyenza ukuba umuzi kaNkulunkulu ujabule,+Itabernakele elikhulu elingcwele kunawo wonke loPhezukonke.+
5 UNkulunkulu uphakathi komuzi;+ ngeke untengantengiswe.+UNkulunkulu uyowusiza lapho kuvela ukusa.+
6 Izizwe zahlokoma,+ imibuso yantengantenga;Waduma ngezwi lakhe, umhlaba wancibilika.+
7 UJehova wamabutho unathi;+UNkulunkulu kaJakobe uyindawo yethu ephakeme elondekile.+ Sela.
8 Wozani, bukani imisebenzi kaJehova,+Ukuthi uzimisé kanjani izenzakalo ezimangalisayo emhlabeni.+
9 Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.+Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu;+Izinqola uzishisa ngomlilo.+
10 “Celani umaluju, nina bantu, nazi ukuthi nginguNkulunkulu.+Ngizophakanyiswa phakathi kwezizwe,+Ngizophakanyiswa emhlabeni.”+
11 UJehova wamabutho unathi;+UNkulunkulu kaJakobe uyindawo yethu ephakeme elondekile.+ Sela.