IHubo 44:1-26
Kumqondisi. Elamadodana kaKhora.+ Imaskili.
44 O Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu,Okhokho bethu bawulandisile kithi+Umsebenzi owawenza ezinsukwini zabo,+Ezinsukwini zakudala.+
2 Waxosha ngisho nezizwe ngesandla sakho,+Watshala bona esikhundleni sazo.+Waphula amaqembu ezizwe wawamukisa.+
3 Abazange balidle ngenkemba yabo ifa lezwe,+Futhi akuyona ingalo yabo eyabalethela insindiso.+Ngoba kwakuyisandla sakho sokunene nengalo yakho+ nokukhanya kobuso bakho,Ngoba wawujabula ngabo.+
4 O Nkulunkulu, wena uyiNkosi yami.+Yala ukuba uJakobe athole insindiso enkulu.+
5 Ngawe siyobasunduza abaphikisana nathi;+Egameni lakho siyobanyathela abasivukelayo.+
6 Ngoba angizange ngithembele emnsalweni wami+Futhi kwakungeyona inkemba yami eyayingisindisa.+
7 Ngoba wena wasisindisa kwabaphikisana nathi,+Futhi wabahlaza labo abasizonda kakhulu.+
8 Sizonikela indumiso kuNkulunkulu usuku lonke,+Futhi igama lakho sizolidumisa kuze kube nini nanini.+ Sela.
9 Kodwa manje ulahlile futhi uyaqhubeka usilulaza,+Futhi awuphumi namabutho ethu.+
10 Ulokhu usenza ukuba simfulathele ophikisana nathi,+Futhi bona kanye abasizonda kakhulu bazithathele ingcugco.+
11 Usinikela njengezimvu, njengokuthile okudliwayo,+Futhi usihlakazile phakathi kwezizwe.+
12 Uthengisa abantu bakho ngaphandle kwenani ngisho nelincane,+Awuzuzanga mcebo ngentengo yabo.
13 Usimisa sibe isihlamba komakhelwane bethu,+Into yokuhlekwa usulu nokuklolodelwa kulabo abasizungezile.+
14 Usimisa sibe yisaga phakathi kwezizwe,+Ukunikinelwa ikhanda phakathi kwamaqembu ezizwe.+
15 Ukululazeka kwami kuphambi kwami usuku lonke,Namahloni asebusweni bami angimbozile,+
16 Ngenxa yezwi lohlambalazayo nochaphayo,Ngenxa yesitha noziphindiselelayo.+
17 Yikho konke lokhu okusehlele, futhi asizange sikukhohlwe,+Asenzanga ngokungathembeki esivumelwaneni sakho.+
18 Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva ngokungabi nalukholo,+Nezinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho.+
19 Ngoba usichobozile endaweni yezimpungushe,+Futhi usimboza ngethunzi elimnyama.+
20 Uma silikhohliwe igama likaNkulunkulu wethu,Noma selulelé izintende zethu kunkulunkulu ongaziwa,+
21 Ngeke yini uNkulunkulu ngokwakhe akuthola lokhu?+Ngoba uyazazi izimfihlo zenhliziyo.+
22 Kodwa sibulewe usuku lonke ngenxa yakho;Sibalwé njengezimvu zokuhlatshwa.+
23 O Jehova, Vuka. Kungani uqhubeka ulele?+Phaphama. Ungaqhubeki ulahla kuze kube phakade.+
24 Kungani uhlala ufihle ubuso bakho?Kungani ukhohlwa ukuhlupheka kwethu nokucindezelwa kwethu?+
25 Ngoba umphefumulo wethu ukhothamé othulini ngokwalo;+Isisu sethu sinamathele emhlabathini.
26 Vuka usisize+Futhi usikhulule ngenxa yomusa wakho wothando.+