IHubo 34:1-22
ElikaDavide, ngesikhathi ezishaya ongaphilile engqondweni+ phambi kuka-Abhimeleki, waze wamxosha, wahamba.
א [ʼAʹleph]
34 Ngizomtusa uJehova ngazo zonke izikhathi;+Ukudunyiswa kwakhe kuzoba semlonyeni wami njalo.+
ב [Behth]
2 Umphefumulo wami uzoziqhayisa ngoJehova;+Abamnene bayozwa bajabule.+
ג [Giʹmel]
3 Dumisani uJehova kanye nami,+ nina bantu,Masiliphakamise kanyekanye igama lakhe.+
ד [Daʹleth]
4 Ngambuza uJehova, wangiphendula,+Wangikhulula kukho konke ukwethuka kwami.+
ה [Heʼ]
5 Babheka kuye baqhakaza,+Futhi kwakungenakwenzeka ukuba ubuso babo bube namahloni.+
ז [Zaʹyin]
6 Lona ohluphekile wabiza, uJehova wezwa.+Futhi Yena wamsindisa kuzo zonke izingcindezi zakhe.+
ח [Chehth]
7 Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo,+Futhi iyabophula.+
ט [Tehth]
8 O nina bantu, nambithani nibone ukuthi uJehova muhle;+Iyajabula indoda enamandla ephephela kuye.+
י [Yohdh]
9 Mesabeni uJehova, nina bangcwele bakhe,+Ngoba akukho ukuntula kulabo abamesabayo.+
כ [Kaph]
10 Amabhongo engonyama anomhlwenga abé nokuncane kakhulu futhi alamba;+Kodwa labo abafuna uJehova, ngeke bantule lutho oluhle.+
ל [Laʹmedh]
11 Wozani, nina madodana, ngilaleleni;+Ngizonifundisa ukumesaba uJehova.+
מ [Mem]
12 Yimuphi umuntu ojabulayo ngokuphila,+Othanda izinsuku ezanele ukuze abone okuhle?+
נ [Nun]
13 Londa ulimi lwakho kokubi,+Nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso.+
ס [Saʹmekh]
14 Fulathela okubi, wenze okuhle;+Funa ukuthola ukuthula, ukuphishekele.+
ע [ʽAʹyin]
15 Amehlo kaJehova akwabalungile,+Nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.+
פ [Peʼ]
16 Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi,+Ukuze aqede ngisho nokuphathwa kwegama labo kuwo kanye umhlaba.+
צ [Tsa·dhehʹ]
17 Bakhala, uJehova wezwa,+Futhi wabakhulula kuzo zonke izingcindezi zabo.+
ק [Qohph]
18 UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni;+Futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.+
ר [Rehsh]
19 Ziningi izinhlekelele zolungileyo,+Kodwa uJehova uyamkhulula kuzo zonke.+
ש [Shin]
20 Wonke amathambo akhe uyawaqapha;Akukho nelilodwa lawo eliphuliwe.+
ת [Taw]
21 Inhlekelele iyombulala omubi;+Nabo kanye abazonda olungileyo bayobhekwa njengabanecala.+
22 UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;+Akekho noyedwa kulabo abaphephela kuye oyobhekwa njengonecala.+