IHubo 31:1-24
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
31 O Jehova, ngiphephele kuwe.+Kwangathi ngingelokothe ngibe namahloni.+Ngenzele indlela yokuphunyuka ngokulunga kwakho.+
2 Thambekisela indlebe yakho kimi.+Ngikhulule ngokushesha.+Yiba yisiphephelo esiyidwala kimi,+Indlu yeziphephelo ukuze ungisindise.+
3 Ngoba wena uyidwala lami nesiphephelo sami;+Futhi ngenxa yegama lakho+ uyongihola ungiqondise.+
4 Uyongikhipha enetheni abangifihlele lona,+Ngoba wena uyinqaba yami.+
5 Esandleni sakho ngiyawubeka umoya wami.+Ungikhululile,+ Jehova Nkulunkulu weqiniso.+
6 Ngiyabazonda abanaka izithombe ezingenanzuzo, eziyize;+Kepha mina, ngithembela kuJehova.+
7 Ngizojabula ngithokoze ngomusa wakho wothando,+Ngokuthi ukubonile ukuhlupheka kwami;+Wazile ngezingcindezi zomphefumulo wami,+
8 Awuzange unginikele esandleni sesitha.+Umisé izinyawo zami endaweni evulekile.+
9 O Jehova, ngibonise umusa ngoba ngisebunzimeni obukhulu.+Ngenxa yokukhathazeka, iso lami libe buthakathaka,+ umphefumulo wami nesisu sami.+
10 Ngoba ukuphila kwami kufike ekupheleni ngosizi,+Neminyaka yami ngokububula.+Ngenxa yesiphambeko sami, amandla ami akhubekile,+Nawo kanye amathambo ami abe buthakathaka.+
11 Ngibé yisihlamba+ ngokombono wabo bonke abanobutha kimi,+Ngibé yiso nakakhulu komakhelwane bami,+Futhi ngaba yingebhe kwabajwayelene nami.+Lapho bengibona ngaphandle, bangibalekele.+
12 Njengofile ongacatshangwa nokucatshangwa, ngilitshelwe;+Ngibé njengesitsha esilimele;+
13 Ngoba ngiwuzwile umbiko omubi ngabaningi,+Njengoba ukwethuka kukuzo zonke izinhlangothi.+Lapho bebuthana ndawonye ngobunye bemelene nami,+Baceba ukuba basuse umphefumulo wami.+
14 Kodwa mina—ngibeké ithemba lami kuwe, Jehova.+Ngithé: “Wena unguNkulunkulu wami.”+
15 Izikhathi zami zisesandleni sakho.+Ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangixoshayo.+
16 Yenza ukuba ubuso bakho bukhanye encekwini yakho.+Ngisindise ngomusa wakho wothando.+
17 O Jehova, kwangathi ngingebe namahloni, ngoba ngibizé wena.+Kwangathi ababi bangaba namahloni;+Kwangathi bangathula eShiyoli.+
18 Kwangathi izindebe zamanga zingaphelelwa amazwi,+Ezikhuluma ngolungile,+ ngokuzidla nangokwedelela ngokungazibambi.+
19 Yeka ukuthi buchichima kangakanani ubuhle bakho+ obulondele labo abakwesabayo!+Obuniké labo abaphephela kuwe,Phambi kwabantwana babantu.+
20 Uyobathukusa endaweni esithekile ekuwe+Kude nomfelandawonye wamadoda.+Uyobafihla edokodweni lakho kude nokuxabana kwezilimi.+
21 Makatuswe uJehova,+Ngoba ungibonisé umusa wothando omangalisayo+ emzini ongaphansi kokucindezeleka.+
22 Kepha mina, lapho ngiba netwetwe ngithé:+“Ngokuqinisekile ngizoqothulwa phambi kwamehlo akho.”+Ngokuqinisekile ulizwile izwi lokuncenga kwami lapho ngikhalela usizo kuwe.+
23 O mthandeni uJehova, nina nonke abaqotho bakhe.+UJehova uyabalonda abathembekile,+Kodwa umvuza ngokudlulele umuntu ozidlayo.+
24 Yibani nesibindi, futhi kwangathi inhliziyo yenu ingaqina,+Nonke nina enilindé uJehova.+