IHubo 27:1-14
ElikaDavide.
27 UJehova ungukukhanya kwami+ nensindiso yami.+Ngizokwesaba bani?+UJehova uyisiphephelo sokuphila kwami.+Ngizoba nengebhe ngobani?+
2 Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba badle inyama yami,+Bengabaphikisana nami futhi beyizitha zami luqobo,+Bakhubeka bawa.+
3 Nakuba ikamu lingagxumeka amatende ngokumelene nami,+Inhliziyo yami ngeke yesabe.+Nakuba ngingase ngivukelwe yimpi,+Ngisho nangaleso sikhathi ngiyolokhu nginethemba.+
4 Yinye into engiyicelé kuJehova+—Iyilokho engiyokufuna,+Ukuba ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuphila kwami,+Ukuze ngibone ubuhle bukaJehova+Futhi ngibuke ithempeli lakhe ngokwazisa.+
5 Ngoba uyongifihla esikhoselweni sakhe ngosuku lwenhlekelele;+Uyongithukusa endaweni esithekile yetende lakhe;+Uyongibeka phezulu edwaleni.+
6 Futhi manje ikhanda lami lizophakama ngaphezu kwezitha zami ezingizungezile;+Futhi etendeni lakhe ngiyohlaba imihlatshelo yokumemeza kwenjabulo;+Ngiyohlabelela ngihubele uJehova.+
7 O Jehova, yizwa lapho ngibiza ngezwi lami,+Ungibonise umusa, ungiphendule.+
8 Inhliziyo yami ithé ngokuphathelene nawe: “Funani ukuthola ubuso bami,+ nina bantu.”O Jehova, ubuso bakho ngiyofuna ukubuthola.+
9 Ungangifihleli ubuso bakho.+Ungayixoshi inceku yakho ngentukuthelo.+Kumelwe ube lusizo lwami.+Ungangifulatheli futhi ungangishiyi, Nkulunkulu wami wensindiso.+
10 Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye,+Yebo uJehova yena ubeyongamukela.+
11 O Jehova, ngifundise indlela yakho,+Ungihole ngendlela yobuqotho ngenxa yezitha zami.
12 Unganginikeli emphefumulweni wabaphikisana nami;+Ngoba ofakazi bamanga bangivukele,+Naye ophafuza ubudlova.+
13 Ukube bengingenalo ukholo lokubona ubuhle bukaJehova ezweni labaphilayo+—!
14 Themba uJehova;+ yiba nesibindi futhi inhliziyo yakho mayibe namandla.+Yebo, themba uJehova.+