IHubo 25:1-22
ElikaDavide.
א [ʼAʹleph]
25 O Jehova, ngiwuphakamisela kuwe umphefumulo wami.+
ב [Behth]
2 O Nkulunkulu wami, ithemba lami ngilibeké kuwe;+Kwangathi ngingebe namahloni.Kwangathi izitha zami zingethabe ngami.+
ג [Giʹmel]
3 Futhi, akekho noyedwa kulabo abathemba wena oyoba namahloni.+Bayoba namahloni abenza ngokukhohlisa bangaphumeleli.+
ד [Daʹleth]
4 O Jehova, ngazise izindlela zakho;+Ngifundise imikhondo yakho.+
ה [Heʼ]
5 Ngihambise eqinisweni lakho ungifundise,+Ngoba wena unguNkulunkulu wami wensindiso.+ו [Waw]Usuku lonke ngithembé wena.+
ז [Zaʹyin]
6 O Jehova, khumbula isihe sakho+ nomusa wakho wothando,+Ngoba bekulokhu kukhona kusukela phakade.+
ח [Chehth]
7 O ungazikhumbuli izono zobusha bami nokuvukela kwami.+Ngikhumbule ngokomusa wakho wothando,+Ngenxa yobuhle bakho, Jehova.+
ט [Tehth]
8 UJehova muhle futhi uqotho.+Yingakho efundisa izoni indlela.+
י [Yohdh]
9 Uyokwenza abamnene bahambe esinqumweni sakhe sokwahlulela,+Futhi uyofundisa abamnene indlela yakhe.+
כ [Kaph]
10 Zonke izindlela zikaJehova ziwumusa wothando neqinisoKulabo abagcina isivumelwano sakhe+ nezikhumbuzo zakhe.+
כ [Laʹmedh]
11 O Jehova,+ ngenxa yegama lakho,Kumelwe uthethelele ngisho nesiphambeko sami, ngoba sikhulu.+
מ[Mem]
12 Ngubani manje umuntu owesaba uJehova?+Uyomfundisa indlela ayoyikhetha.+
נ [Nun]
13 Umphefumulo wakhe uyohlala ebuhleni,+Nenzalo yakhe iyodla ifa lomhlaba.+
ס [Saʹmekh]
14 Ukusondelana noJehova kungokwabamesabayo,+Nesivumelwano sakhe, ukuba abenze basazi.+
ע [ʽAʹyin]
15 Amehlo ami angakuJehova njalo,+Ngoba nguye okhipha izinyawo zami enetheni.+
פ [Peʼ]
16 Phendulela ubuso bakho kimi, ungibonise umusa;+Ngoba ngingedwa futhi ngihluphekile.+
צ [Tsa·dhehʹ]
17 Izingcindezi zenhliziyo yami zandile;+O ngikhiphe ekucindezelekeni okuphezu kwami.+
ר [Rehsh]
18 Bona ukuhlupheka kwami nenkathazo yami,+Uxolele zonke izono zami.+
19 Bheka ukuthi izitha zami zibé ziningi kangakanani,+Futhi zingizondile ngenzondo enobudlova.+
ש [Shin]
20 Qapha umphefumulo wami ungikhulule.+Kwangathi ngingebe namahloni, ngoba ngiphephele kuwe.+
ת [Taw]
21 Ubuqotho nokuqonda makungilonde,+Ngoba ngethembé wena.+
22 O Nkulunkulu, khulula u-Israyeli kuzo zonke izingcindezi zakhe.+