IHubo 23:1-6
Ihubo likaDavide.
23 UJehova unguMalusi wami.+Ngeke ngintule lutho.+
2 Ungilalisa emadlelweni anotshani;+Ungihola ngasezindaweni zokuphumula ezithola amanzi anele.+
3 Uqabula umphefumulo wami.+Ungihola emikhondweni yokulunga ngenxa yegama lakhe.+
4 Ngisho noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama,+Angesabi lutho olubi,+Ngoba wena unami;+Induku yakho nodondolo lwakho yikho okungiduduzayo.+
5 Uhlela phambi kwami itafula phambi kwalabo abanobutha kimi.+Ugcobé ikhanda lami ngamafutha;+Indebe yami igcwele pháma.+
6 Ngokuqinisekile ubuhle nomusa wothando kuyongilandela zonke izinsuku zokuphila kwami;+Futhi ngiyohlala endlini kaJehova kuze kube sebudeni bezinsuku.+