IHubo 21:1-13
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
21 O Jehova, inkosi iyajabula ngezikhwepha zakho;+Futhi yeka ukuthi ikufuna kangakanani ukujabula ngensindiso yakho!+
2 Uyiniké ukulangazela kwenhliziyo yayo,+Futhi awusigodlanga isifiso sezindebe zayo.+ Sela.
3 Ngoba uyihlangabezé ngezibusiso zokuhle,+Wabeka ekhanda layo umqhele wegolide elicwengiweyo.+
4 Yacela ukuphila kuwe. Wayinika kona,+Ubude bezinsuku kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.+
5 Inkazimulo yayo inkulu ensindisweni yakho.+Ubeka kuyo isithunzi nobukhazikhazi.+
6 Ngoba uyenza ibe ngebusiswé kakhulu kuze kube phakade;+Wenza ukuba izizwe ithokoza ngokujabula ebusweni bakho.+
7 Ngoba inkosi ithembela kuJehova,+Ngisho nasemseni wothando woPhezukonke. Ngeke intengantengiswe.+
8 Isandla sakho siyozithola zonke izitha zakho;+Isandla sakho sokunene siyobathola abakuzondayo.
9 Uyobenza babe njengesithando somlilo esivuthayo ngesikhathi esimisiwe sokunaka kwakho.+Ngentukuthelo yakhe uJehova uyobagwinya, futhi umlilo uyobashwabadela.+
10 Izithelo zabo uyozibhubhisa emhlabeni,+Nenzalo yabo kubantwana babantu.+
11 Ngoba baqondisé okubi kuwe;+Bacabangé imicabango abangakwazi ukuyifeza.+
12 Ngoba uyobenza bafulathele bebaleka+Ngezinsinga zomnsalo wakho owulungiselela ubuso babo.+
13 O phakanyiswa ngezikhwepha zakho, Jehova.+Sizohlabelela sihubele amandla akho.+