IHubo 20:1-9
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
20 Kwangathi uJehova angakuphendula ngosuku lokucindezeleka.+Kwangathi igama likaNkulunkulu kaJakobe lingakuvikela.+
2 Kwangathi angakuthumelela usizo esendaweni engcwele,+Akusekele eseZiyoni uqobo.+
3 Kwangathi angayikhumbula yonke iminikelo yakho yesipho,+Futhi amukele umnikelo wakho wokushiswa njengokhuluphele.+ Sela.
4 Kwangathi angakupha ngokwenhliziyo yakho,+Futhi ayigcwalise yonke injongo yakho.+
5 Sizokhamuluka ngenjabulo ngenxa yensindiso yakho,+Sizophakamisa amabhanela ethu egameni likaNkulunkulu wethu.+Kwangathi uJehova angazigcwalisa zonke izicelo zakho.+
6 Manje ngiyazi ukuthi uJehova ngokuqinisekile uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe.+Uyamphendula esemazulwini akhe angcwele+Ngezenzo zamandla zokusindisa zesandla sakhe sokunene.+
7 Abanye bakhuluma ngezinqola nabanye ngamahhashi,+Kodwa, thina, sizokhuluma ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu.+
8 Bona kanye labo baphukile futhi bawile;+Kodwa thina, sivukile, ukuze sibuyiselwe.+
9 O Jehova, sindisa inkosi!+Uyosiphendula ngosuku esibiza ngalo.+