IHubo 2:1-12
2 Kungani izizwe ziye zaxokozela+Namaqembu ezizwe eye alokhu evungazela into eyize?+
2 Amakhosi omhlaba ayama+Nezikhulu eziphakeme zibuthene ndawonye ngobunye+Ngokumelene noJehova+ nogcotshiweyo wakhe,+
3 Bethi: “Masigqabule izibopho zabo+Sizilahle kude nathi izintambo zabo!”+
4 Yena kanye ohlezi emazulwini+ uyohleka;UJehova uyobahleka usulu.+
5 Ngaleso sikhathi uyokhuluma nabo ngentukuthelo yakhe+Nangokucasuka kwakhe okuvuthayo uyobaphazamisa,+
6 Athi: “Mina, yebo mina, ngiyimisile inkosi yami+EZiyoni,+ intaba yami engcwele.”+
7 Mangibhekisele esinqumweni sikaJehova;Uthé kimi: “Wena uyindodana yami;+Mina, namuhla, mina ngikuzele.+
8 Cela kimi,+ ukuba ngikunike izizwe zibe yifa lakho+Nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.+
9 Uyozaphula ngentonga yensimbi,+Uziphahlaze zibe izicucu njengokungathi isitsha sombumbi.”+
10 Manje, makhosi, bonisani ukuqondisisa;O bahluleli bomhlaba, kuvumeni ukuqondiswa.+
11 Khonzani uJehova ngokwesaba+Nijabule ngokuthuthumela.+
12 Yangani indodana,+ ukuze Yona ingavuthi ngolakaFuthi ningashabalali endleleni,+Ngoba intukuthelo yayo igqamuka kalula.+Bayajabula bonke abaphephela kuyo.+