IHubo 19:1-14
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
19 Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu;+Umkhathi ulandisa ngomsebenzi wezandla zakhe.+
2 Usuku ngalunye lwenza ukuba inkulumo iphuphume,+Nobusuku ngabunye bubonisa ulwazi.+
3 Akukho nkulumo, futhi akukho mazwi;Akukho zwi elizwakalayo kukho.+
4 Umucu wako wokulinganisa uphumele kuwo wonke umhlaba,+Namazwi ako emkhawulweni wezwe elikhiqizayo.+Umise kukho itende lelanga,+
5 Linjengomkhwenyana lapho ephuma egumbini lakhe labasanda kushada;+Lethabela ukugijima endleleni njengoba kwenza indoda enamandla.+
6 Ukuphuma kwalo kusukela komunye umkhawulo wamazulu,Ukujikeleza kwalo okuphelele kufika kweminye imikhawulo yawo;+Futhi akukho lutho olusithekile ekushiseni kwalo.+
7 Umthetho+ kaJehova uphelele,+ ubuyisa umphefumulo.+Isikhumbuzo+ sikaJehova sithembekile,+ sihlakaniphisa ongenalwazi.+
8 Imiyalo+ evela kuJehova iqotho,+ ibangela inhliziyo ukuba ijabule;+Umyalo+ kaJehova uhlanzekile,+ ukhanyisa amehlo.+
9 Ukwesaba+ uJehova kuhlanzekile, kumi kuze kube phakade.Izinqumo zokwahlulela+ zikaJehova ziyiqiniso;+ zibonakalé zilunge ngokuphelele.+
10 Kumelwe zifiswe kakhulu kunegolide, yebo, kunegolide eliningi elicwengiweyo;+Zimnandi kunoju,+ kunanoju olugelezayo lwamakhekheba.+
11 Futhi, inceku yakho ixwayisiwe ngazo;+Kukhona umvuzo omkhulu lapho zigcinwa.+
12 Amaphutha—ngubani ongawaqonda?+Thana anginacala ezonweni ezifihlekile.+
13 Nqanda inceku yakho nasezenzweni zokugabadela;+Ungazivumeli ukuba zingibuse.+Uma kuba njalo ngiyoba ngophelele,+Futhi ngiyobe ngihlalé ngimsulwa ezeqweni eziningi.
14 Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami+Makujabulise phambi kwakho, Jehova Dwala lami+ noMkhululi wami.+