IHubo 16:1-11
Imikthamu likaDavide.
16 O Nkulunkulu, ngigcine, ngoba ngiphephelé kuwe.+
2 Ngithé kuJehova: “Wena unguJehova; ubuhle bami, abuzuzisi wena,+
3 Kodwa abangcwele abasemhlabeni.Bona, yebo abakhulu ngokubabazekayo, konke engijabula ngakho kukubo.”+
4 Ubuhlungu buba buningi kulabo okuthi, lapho kukhona omunye umuntu, basheshe ngemva kwakhe.+Ngeke ngiyithulule iminikelo yabo yokuphuzwayo eyigazi,+Futhi ngeke ngiwathwale amagama abo ngezindebe zami.+
5 UJehova uyingxenye yesabelo sami+ engisabelwe neyendebe yami.+Usibambé ngokuqinile isabelo sami.
6 Imicu yokulinganisa ingehlele ezindaweni ezijabulisayo.+Ngempela, ifa lami libe ngelithandekayo kimi.
7 Ngizomtusa uJehova, onginiké iseluleko.+Ngempela, phakathi nobusuku izinso zami zingiqondisile.+
8 Ngimbeké njalo uJehova phambi kwami.+Ngeke ngintengantengiswe, ngoba yena ungakwesokunene sami.+
9 Ngakho-ke inhliziyo yami iyathokoza, nenkazimulo yami ithambekele ekujabuleni.+Futhi, inyama yami iyohlala ngokulondeka.+
10 Ngoba ngeke uwushiye umphefumulo wami eShiyoli.+Ngeke umvumele oqotho wakho abone igodi.+
11 Uyongenza ngiyazi indlela yokuphila.+Ukujabula uze waneliseke kusebusweni bakho;+Kukhona okujabulisayo esandleni sakho sokunene kuze kube phakade.+