IHubo 145:1-21
Indumiso, ekaDavide.
א [ʼAʹleph]
145 Ngizokuphakamisa, Nkulunkulu wami Nkosi,+Futhi ngizolitusa igama lakho kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.+
ב [Behth]
2 Usuku lonke ngizokutusa,+Ngizolidumisa igama lakho kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.+
ג [Giʹmel]
3 UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu,+Ubukhulu bakhe abuphenyeki.+
ד [Daʹleth]
4 Isizukulwane ngesizukulwane siyoyitusa imisebenzi yakho,+Siyolandisa ngezenzo zakho zamandla.+
ה [Heʼ]
5 Ubukhazikhazi obukhazimulayo besithunzi sakho+Nezindaba zemisebenzi yakho emangalisayo ngizozikhathaza+ ngakho.
ו [Waw]
6 Bayokhuluma ngamandla ezinto zakho ezisabekayo;+Ubukhulu bakho bona, ngiyobumemezela.+
ז [Zaʹyin]
7 Bayokhuluma ngokuchichimayo ngobukhulu bobuhle bakho,+Futhi bayokhamuluka ngenjabulo ngenxa yokulunga kwakho.+
ח [Chehth]
8 UJehova unomusa futhi unesihe,+Wephuza ukuthukuthela futhi mkhulu ngomusa wothando.+
ט [Tehth]
9 UJehova muhle kubo bonke,+Isihe sakhe siphezu kwayo yonke imisebenzi yakhe.+
י [Yohdh]
10 Yonke imisebenzi yakho iyokudumisa, Jehova,+Abaqotho bakho bayokutusa.+
כ [Kaph]
11 Bayokhuluma ngenkazimulo yobukhosi bakho,+Bakhulume nangamandla akho,+
ל [Laʹmedh]
12 Ukuze benze izenzo zakhe zamandla zaziwe amadodana abantu+Nenkazimulo yobukhazikhazi bobukhosi bakhe.+
מ [Mem]
13 Ubukhosi bakho buwubukhosi kuze kube nini nanini,+Nombuso wakho ukuzo zonke izizukulwane ezizolandela.+
ס [Saʹmekh]
14 UJehova usekela bonke abawayo,+Futhi uvusa bonke abakhotheme.+
ע [ʽAʹyin]
15 Amehlo abo bonke abheka kuwe ngethemba,+Ubanika ukudla kwabo ngenkathi yako.+
פ [Peʼ]
16 Uvula isandla sakho+Wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.+
צ [Tsa·dhehʹ]
17 UJehova ulungile kuzo zonke izindlela zakhe+Futhi uqotho kuyo yonke imisebenzi yakhe.+
ק [Qohph]
18 UJehova useduze nabo bonke abambizayo,+Useduze nabo bonke abambiza ngeqiniso.+
ר [Rehsh]
19 Uyokwanelisa isifiso sabo bonke abamesabayo,+Nokukhalela kwabo usizo uyokuzwa, abasindise.+
ש [Shin]
20 UJehova uqapha bonke abamthandayo,+Kodwa bonke ababi uyobabhuqa.+
ת [Taw]
21 Umlomo wami uyokhuluma udumo lukaJehova;+Yonke inyama mayilituse igama lakhe elingcwele kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.+