IHubo 141:1-10
Ihubo likaDavide.
141 O Jehova, ngikubizile.+Shesha uze kimi.+Beka indlebe ezwini lami lapho ngikubiza.+
2 Kwangathi umthandazo wami ungalungiswa njengempepho+ phambi kwakho,+Ukuphakama kwezintende zezandla zami kube njengomnikelo wokusanhlamvu wakusihlwa.+
3 O Jehova, bekela umlomo wami umqaphi;+Beka umlindi engame umnyango wezindebe zami.+
4 Ungathambekiseli inhliziyo yami kunoma yikuphi okubi,+Ukuba ngenze izenzo eziyihlazo ekukhohlakaleni+Nabantu abakwenza umkhuba okulimazayo,+Ukuze ngingazondli ngezibiliboco zabo.+
5 Uma olungileyo engangishaya, bekuyoba umusa wothando;+Futhi uma engangisola, bekuyoba amafutha phezu kwekhanda,+Ikhanda lami elingeke lithande ukuwenqaba.+Bekusayoba khona ngisho nanomthandazo wami phakathi nezinhlekelele zabo.+
6 Abahluleli babo baphonswé phansi ngasezinhlangothini zedwala,+Kodwa bawazwile amazwi ami, ukuthi amnandi.+
7 Njengalapho umuntu eklaya futhi eqhekeza phezu komhlaba,Amathambo ethu ahlakazekile emlonyeni weShiyoli.+
8 Nokho, amehlo ami akuwe,+ O Jehova Nkosi EnguMbusi.+Ngiphephelé kuwe.+Ungawuthululi umphefumulo wami.+
9 Ngigcine ekuxhakathisweni yisicupho abangibekele sona+Nasezingibeni zalabo abakwenza umkhuba okulimazayo.+
10 Ababi bayowela emanetheni abo kanyekanye,+Kuyilapho, mina, ngidlula.