IHubo 139:1-24
Elomqondisi. ElikaDavide. Ihubo.
139 O Jehova, ungihlolisisile, futhi uyangazi.+
2 Wena ngokwakho usuyakwazi ukuhlala kwami phansi nokusukuma kwami.+Ucabangelé umcabango wami ukude.+
3 Ukuhamba kwami nokulala kwami ngenabe ukulinganisile,+Futhi usujwayelene ngisho nanazo zonke izindlela zami.+
4 Ngoba akukabikho zwi olimini lwami,+Kodwa, bheka! Jehova, usulazi lonke kakade.+
5 Ngemuva nangaphambili, ungihaqile;Ubeka isandla sakho phezu kwami.
6 Ulwazi olunjalo lumangalisa kakhulu kimi.+Luphakeme kakhulu kangangokuthi anginakukwazi ukulufinyelela.+
7 Ngingayaphi ngisuka emoyeni wakho,+Futhi ngingabubalekela ngiye kuphi ubuso bakho?+
8 Uma bengingakhuphukela ezulwini, ubuyobe ulapho;+Futhi uma bengingendlala ukhukho lwami eShiyoli, bheka! ubuyobe ulapho.+
9 Ukube bengingathatha amaphiko+ okuntwela kokusa,Ukuze ngiyohlala olwandle olukude kakhulu,+
10 Nalapho futhi, isandla sakho besiyongihola+Nesandla sakho sokunene besiyongibamba.+
11 Ukube bengingathi: “Ngokuqinisekile ubumnyama buyongibamba+ ngokushesha!”Khona-ke ubusuku bebuyoba ukukhanya nxazonke zami.+
12 Ngisho nobumnyama ngokwabo bebungeke bube mnyama kakhulu kuwe,+Kodwa ubusuku bebuyokhanya njengoba nje kwenza imini;+Ubumnyama bungamane bube ukukhanya.+
13 Ngoba wena ngokwakho wenza izinso zami;+Wangigcina ngihenqelwe esiswini sikamama.+
14 Ngizokudumisa ngoba ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo.+Imisebenzi yakho iyamangalisa,+Njengoba nje umphefumulo wami ukuqaphela kahle.+
15 Amathambo ami ayengafihlekile kuwe+Lapho ngenziwa ekusithekeni,+Lapho ngelukwa ezingxenyeni eziphansi impela+ zomhlaba.
16 Amehlo akho abona ngisho nombungu wami,+Futhi zonke izingxenye zawo zazilotshiwe phansi encwadini yakho,Ngokuqondene nezinsuku ezabunjwa ngazo+Kodwa kwakungakabi bikho neyodwa phakathi kwazo.
17 Ngakho, yeka indlela imicabango yakho eyigugu ngayo kimi!+O Nkulunkulu, yeka ukuthi ingqikithi yayo iba ngakanani!+
18 Ukube bengingazama ukuyibala, miningi ngisho kunanezinhlayiya zesihlabathi.+Ngiphapheme, kodwa nokho ngisenawe.+
19 O Nkulunkulu, sengathi ubungambulala omubi!+Khona-ke ngisho nabantu abanecala legazi+ ngokuqinisekile bayosuka kimi,
20 Abakhuluma izinto ngawe ngokomqondo wabo;+Baliphathé ngendlela engafanele igama lakho+—abaphikisana nawe.+
21 Angibazondi yini labo abakuzonda ngokujulile, Jehova,+Futhi angibenyanyi yini abakuvukelayo?+
22 Ngibazonda ngenzondo ephelele.+Babé yizitha zangempela kimi.+
23 O Nkulunkulu ngihlolisise, wazi inhliziyo yami.+Ngihlole, wazi imicabango yami engincisha ukuthula,+
24 Ubone ukuthi ikhona yini indlela ebangela ubuhlungu kimi,+Ungihole ngendlela+ yaphakade.