IHubo 131:1-3
INgoma Yokwenyuka. EkaDavide.
131 O Jehova, inhliziyo yami ayizange izidle,+Namehlo ami awazange aqhoshe;+Futhi angizange ngihambe ezintweni ezinkulu kakhulu,+Noma ezintweni ezingimangalisa kakhulu.+
2 Ngokuqinisekile ngiwududuzile futhi ngawuthulisa umphefumulo wami.+Njengengane elunyuliwe kunina.+Umphefumulo wami unjengengane elunyuliwe kimi.+
3 U-Israyeli makalinde uJehova+Kusukela manje kuze kube nini nanini.+