Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

IHubo 129:1-8

INgoma Yokwenyuka. 129  “Sebebubonise ngokwanele ubutha kimi kusukela ebusheni bami,”+Manje u-Israyeli makathi,+   “Sebebubonise ngokwanele ubutha kimi kusukela ebusheni bami;+Nokho abazange banginqobe.+   Abalimi balimé phezu kwawo kanye umhlane wami;+Bayenze yaba mide imisele yabo.”   UJehova ulungile.+Unqamulé izindophi zababi zaba yizicucu.+   Bayoba namahloni babuyele emuva,+Bonke labo abazonda iZiyoni.+   Bayoba njengotshani obuluhlaza bophahla,+Obomé bungakasishulwa,+   Umvuni angazange agcwalise isandla sakhe ngabo,+Nobutha izithungu angazange agcwalise isifuba sakhe ngabo.   Nalabo abadlulayo abazange bathi:“Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu nina madoda.+Sinibusisile egameni likaJehova.”+

Imibhalo yaphansi