IHubo 128:1-6
INgoma Yokwenyuka.
128 Uyajabula wonke umuntu owesaba uJehova,+Ohamba ngezindlela zakhe.+
2 Ngoba uyodla ukukhandleka kwezandla zakho.+Uyojabula futhi kuyokuhambela kahle.+
3 Umkakho uyoba njengomvini othela izithelo+Ezingxenyeni ezingaphakathi impela zendlu yakho.Abantwana bakho bayoba njengamahlumela eminqumo+ nxazonke zetafula lakho.
4 Bheka! Iyobusiswa kanjalo indoda enamandla+Eyesaba uJehova.+
5 UJehova uyokubusisa eseZiyoni.+Bubone nobuhle beJerusalema zonke izinsuku zokuphila kwakho,+
6 Futhi ubone nabantwana babantwana bakho.+Sengathi kungaba khona ukuthula ku-Israyeli.+