Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

IHubo 127:1-5

INgoma Yokwenyuka. EkaSolomoni. 127  Ngaphandle kokuba uJehova ngokwakhe eyakha indlu,+Akusizi ngalutho ukuthi abakhi bayo basebenzé kanzima kuyo.+Ngaphandle kokuba uJehova ngokwakhe ewuqapha umuzi,+Akusizi ngalutho ukuthi umqaphi uhlalé ephapheme.+   Akusizi ngalutho ukuthi nivuka ekuseni,+Ukuthi niyephuza ukuhlala phansi,+Ukuthi nidla ukudla ngezinhlungu.+Unika othandekayo wakhe ubuthongo kanjalo nje.+   Bheka! Abantwana bayifa elivela kuJehova;+Isithelo sesisu singumvuzo.+   Njengemicibisholo esandleni sendoda enamandla,+Banjalo abantwana bobusha.+   Iyajabula indoda enamandla egcwalise+ umgodla wayo ngabo.Ngeke ibe namahloni,+Ngoba bayokhuluma nezitha esangweni.

Imibhalo yaphansi