IHubo 121:1-8
INgoma Yokwenyuka.
121 Ngizophakamisela amehlo ami ezintabeni.+Usizo lwami luzovelaphi?+
2 Usizo lwami luvela kuJehova,+UMenzi wezulu nomhlaba.+
3 Akunakwenzeka ukuba avumele unyawo lwakho luntengantenge.+Akunakwenzeka ukuba Lowo okuqaphile ozele.+
4 Bheka! Ngeke ozele noma alale,+Lowo oqaphe u-Israyeli.+
5 UJehova ukuqaphile.+UJehova ungumthunzi+ wakho esandleni sakho sokunene.+
6 Emini ilanga ngeke likuhlabe,+Noma inyanga ebusuku.+
7 UJehova uyokuqapha kuyo yonke inhlekelele.+Uyoqapha umphefumulo wakho.+
8 UJehova uyoqapha ukuphuma kwakho nokungena kwakho+Kusukela manje kuze kube nini nanini.+