IHubo 109:1-31
Kumqondisi. ElikaDavide. Ihubo.
109 O Nkulunkulu wendumiso+ yami, ungathuli.+
2 Ngoba umlomo womubi nomlomo wenkohliso ingivulekele.+Bakhulumé ngami ngolimi lwamanga;+
3 Bangihaqé ngamazwi enzondo,+Balokhu belwa nami ngaphandle kwesizathu.+
4 Balokhu bemelana nami ngenxa yothando lwami;+Kodwa kukhona umthandazo ngakimi.+
5 Bangibuyisela okubi ngokuhle+Nenzondo ngothando lwami.+
6 Misa omubi phezu kwakhe,Kwangathi omelene naye+ angaqhubeka emi ngasesandleni sakhe sokunene.
7 Lapho ahlulelwa, makaphume njengomubi;Wona kanye umthandazo wakhe mawube yisono.+
8 Izinsuku zakhe mazibe mbalwa;+Isikhundla sakhe sobubonisi masithathwe ngomunye.+
9 Amadodana akhe mawabe yizintandane+Nomkakhe makabe ngumfelokazi.+
10 Amadodana akhe mawazulazule nakanjani;+Futhi kumelwe anxibe,Kumelwe afune ukudla esezindaweni zawo eziyincithakalo.+
11 Otshelekisa ngenzalo eyeqile makabekele konke anakho izicupho,+Izihambi+ maziphange umkhiqizo wakhe wokukhandleka.+
12 Makangabi namuntu ombonisa umusa wothando,+Futhi makungabikho muntu obonisa umusa ezintandaneni zakhe.
13 Inzalo yesizukulwane sakhe mayibe ngeyokunqunywa.+Igama layo malisulwe esizukulwaneni esilandelayo.+
14 Isiphambeko sokhokho bakhe masikhunjulwe kuJehova,+Nesono sikanina+—kwangathi singesulwe.+
15 Mazibe phambi kukaJehova njalo;+Kwangathi angakuqeda ukukhunjulwa kwabo emhlabeni;+
16 Ngenxa yokuthi akazange akhumbule ukubonisa umusa wothando,+Kodwa wayelokhu esukela umuntu ohluphekile nompofu+Nodangele enhliziyweni, ukuze ambulale.+
17 Waqhubeka ethanda isiqalekiso,+ kangangokuba sehlela phezu kwakhe;+Akazange ajabule ngesibusiso,+Kangangokuba saba kude naye;+
18 Wembatha isiqalekiso njengengubo yakhe.+Ngakho sangena ngaphakathi kuye njengamanzi+Nasemathanjeni akhe njengamafutha.
19 Masibe kuye njengengubo azisonga ngayo+Nanjengebhande ahlala ezibophe ngalo njalo.+
20 Lena yinkokhelo evela kuJehova yalowo omelana nami+Neyalabo abakhuluma okubi ngomphefumulo wami.+
21 Kodwa wena unguJehova iNkosi EnguMbusi.+Sebenzelana nami ngenxa yegama lakho.+Ngikhulule, ngoba umusa wakho wothando muhle.+
22 Ngoba ngihluphekile futhi ngimpofu,+Nenhliziyo yami ihlatshiwe ngaphakathi kimi.+
23 Njengethunzi lapho lincipha, ngibophekile ukuba ngimuke,+Ngithuntuthiwe njengenkumbi.
24 Amadolo ami antengezelile ngenxa yokuzila ukudla,+Nenyama yami uqobo yondile, ayinawo amafutha.+
25 Kubo ngibé yinto yokuhlanjalazwa.+Bayangibona—baqale ukunikina ikhanda labo.+
26 O Jehova Nkulunkulu wami, ngisize;+Ngisindise ngokomusa wakho wothando.+
27 Kwangathi bangazi ukuthi lesi yisandla sakho;+Ukuthi wena Jehova, ukwenzile.+
28 Bona, mabaqalekise,+Kodwa kwangathi wena, ungabusisa.+Basukumile, kodwa mabajabhe,+Inceku yakho mayijabule.+
29 Labo abamelana nami mabembathe ukululazeka,+Futhi mabazisonge ngamahloni abo njengokungathi ngejazi elingenamikhono.+
30 Ngizomdumisa kakhulu uJehova ngomlomo wami,+Phakathi kwabantu abaningi ngizomdumisa.+
31 Ngoba uyokuma ngasesandleni sokunene sompofu,+Ukuze amsindise kulabo abahlulela umphefumulo wakhe.