IHubo 103:1-22
ElikaDavide.
103 Mbonge uJehova, mphefumulo wami,+Yebo konke okungaphakathi kimi, makubonge igama lakhe elingcwele.+
2 Mbonge uJehova mphefumulo wami,Ungazikhohlwa zonke izenzo zakhe,+
3 Yena othethelela sonke isiphambeko sakho,+Ophulukisa zonke izifo zakho,+
4 Owophula ukuphila kwakho egodini,+Okuthwesa umqhele womusa wothando nesihe,+
5 Owanelisa isikhathi sokuphila kwakho ngokuhle;+Ubusha bakho buyaqhubeka buzivuselela njengobokhozi.+
6 UJehova wenzela bonke abaphanjiwe+Izenzo zokulunga nezinqumo zokwahlulela.+
7 Wazisa uMose izindlela zakhe,+Wazisa ngisho namadodana ka-Israyeli izenzo zakhe.+
8 UJehova unesihe futhi unomusa,+Uyephuza ukuthukuthela futhi uchichima umusa wothando.+
9 Ngeke aqhubeke esola kuze kube phakade,+Futhi ngeke ahlale ecasukile kuze kube nini nanini.+
10 Akenzanga kithi ngokwezono zethu;+Futhi akalethanga phezu kwethu lokho okusifanele ngokweziphambeko zethu.+
11 Ngoba njengoba amazulu ephakeme kunomhlaba,+Kanjalo umusa wakhe wothando mkhulu kulabo abamesabayo.+
12 Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga,+Uzibeké kude kangako izeqo zethu.+
13 Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe,+Kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo.+
14 Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu,+Ekhumbula ukuthi siluthuli.+
15 Umuntu ofayo yena, izinsuku zakhe zinjengezotshani obuluhlaza;+Uqhakaza njengembali yasendle.+
16 Ngoba kuthi kungadlula umoya nje phezu kwayo, ingabe isaba khona;+Nendawo yayo ngeke isayazi.+
17 Kodwa umusa wothando kaJehova uhlala kusukela phakade kuze kube phakade.+Kulabo abamesabayo,+Nokulunga kwakhe emadodaneni amadodana,+
18 Kulabo abagcina isivumelwano sakhe+Nakulabo abakhumbula imiyalo yakhe ukuze bayifeze.+
19 UJehova usimisé saqina isihlalo sakhe sobukhosi emazulwini ngokwawo;+Futhi ubukhosi bakhe bubusé phezu kwakho konke.+
20 Mbongeni uJehova, nina zingelosi+ zakhe, eninamandla amakhulu, enifeza izwi lakhe,+Ngokulalela iphimbo lezwi lakhe.+
21 Mbongeni uJehova, nonke nina mabutho akhe,+Nina zikhonzi zakhe, enenza intando yakhe.+
22 Mbongeni uJehova, nonke nina misebenzi yakhe,+Kuzo zonke izindawo zombuso wakhe.+Mbonge uJehova mphefumulo wami.+