Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

AbaHluleli 17:1-13

17  Manje kwakukhona umuntu wasesifundeni sezintaba sakwa-Efrayimi+ ogama lakhe lalinguMika.  Ngemva kwesikhathi wathi kunina: “Izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane nekhulu ezathathwa kuwe nowaziqalekisa+ futhi waziqalekisa ngizwa—bheka! lelo siliva likimi. Yimi owalithatha.”+ Khona-ke unina wathi: “Kwangathi uJehova angayibusisa indodana yami.”+  Ngakho wazibuyisela kunina+ lezo zinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane nekhulu, futhi unina waqhubeka wathi: “Nakanjani kumelwe ngilingcwelisele uJehova leli siliva elisesandleni sami ngenxa yendodana yami, ukuze ngenze umfanekiso oqoshiwe+ nesithombe esincibilikisiwe;+ futhi manje ngizolibuyisela kuwe.”  Ngakho walibuyisela kunina isiliva, unina wathatha izinhlamvu zesiliva ezingamakhulu amabili wazinika umkhandi wesiliva.+ Wenza umfanekiso oqoshiwe+ nesithombe esincibilikisiwe;+ saba sendlini kaMika.  Lo muntu uMika, wayenendlu yonkulunkulu,+ wenza i-efodi+ namatherafi+ wagcwalisa isandla senye yamadodana akhe ngamandla,+ ukuze ikhonze njengompristi wakhe.+  Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli.+ Kepha wonke umuntu wayenza+ lokho okulungileyo emehlweni akhe.  Manje kwakukhona insizwa ethile yaseBhetlehema+ lakwaJuda yomndeni kaJuda, futhi yayingumLevi.+ Yayihlala lapho okwesikhashana.  Lo muntu wasuka emzini waseBhetlehema kwaJuda wahamba ukuze ayohlala isikhashana nomaphi lapho ayengase athole khona indawo. Ngemva kwesikhathi lapho ehamba wangena esifundeni sezintaba sakwa-Efrayimi waze wafika endlini kaMika.+  Khona-ke uMika wathi kuye: “Uvelaphi?” Yena wathi kuye: “NgingumLevi waseBhetlehema kwaJuda, futhi ngiya kohlala isikhashana nomaphi lapho ngingase ngithole khona indawo.” 10  Ngakho uMika wathi kuye: “Hlala nami ube ubaba+ nompristi+ wami, mina ngizokunika izinhlamvu zesiliva eziyishumi ngonyaka nesembatho esivamile nokokuzisekela.” Ngakho lo mLevi wangena. 11  Kanjalo umLevi wakwamukela ukuhlala nalo muntu, futhi kuye le nsizwa yaba njengenye yamadodana akhe. 12  Ngaphezu kwalokho, uMika wagcwalisa isandla salo mLevi ngamandla,+ ukuze le nsizwa ikhonze njengompristi+ wakhe futhi iqhubeke isendlini kaMika. 13  Ngakho uMika wathi: “Manje ngiyazi ukuthi uJehova uzongenzela okuhle, ngoba umLevi usengumpristi wami.”+

Imibhalo yaphansi