Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

3 Johane 1:1-14

 Indoda endala+ kuGayu, othandekayo, engimthanda ngeqiniso.+  Sithandwa,+ ngithandazela ukuba uchume+ kuzo zonke izinto futhi ube nempilo enhle,+ njengoba nje umphefumulo wakho uchuma.+  Ngoba ngajabula kakhulu lapho kufika abazalwane futhi befakazela iqiniso onalo, njengoba nje uqhubeka uhamba eqinisweni.+  Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezi zinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami bayaqhubeka behamba eqinisweni.+  Sithandwa, wenza umsebenzi wokwethembeka kunoma yini oyenzela abazalwane,+ izihambi nokusho,+  abaye bafakazela uthando lwakho phambi kwebandla. Laba usize ubamukise ngendlela efanele uNkulunkulu.+  Ngoba baphuma ngenxa yegama lakhe, bengathathi lutho+ kubantu bezizwe.  Ngakho-ke, thina singaphansi kwesibopho sokubamukela ngokufudumele+ abantu abanjalo, ukuze sibe izisebenzi ezikanye nabo eqinisweni.+  Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe, othanda ukuba nendawo ephambili+ phakathi kwabo, akamukeli lutho+ oluvela kithi ngenhlonipho.+ 10  Kungakho, uma ngifika, ngizokwenza ukuba kukhunjulwe imisebenzi yakhe aqhubeka eyenza,+ ephoshoza ngathi amazwi amabi.+ Futhi, enganeliswa yilezi zinto, yena ngokwakhe akabamukeli ngenhlonipho abazalwane,+ nalabo abafuna ukubamukela+ uzama ukubathiya+ nokubaxosha+ ebandleni. 11  Sithandwa, yiba umlingisi wokuhle, hhayi wokubi.+ Lowo owenza okuhle uvela kuNkulunkulu.+ Lowo owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.+ 12  UDemetriyu uye wafakazelwa yibo bonke+ nayiqiniso ngokwalo. Eqinisweni, nathi siyafakaza,+ futhi uyazi ukuthi ubufakazi esibunikezayo buyiqiniso.+ 13  Benginezinto eziningi engingakulobela zona, kodwa angithandi ukuqhubeka ngikulobela ngoyinki nangosiba.+ 14  Kodwa ngithemba ukukubona ngokushesha, futhi sizokhuluma umlomo nomlomo.+ Kwangathi ungaba nokuthula.+ Bayakhonza kuwe abangane.+ Ngikhonzele+ kubangane ngamagama.

Imibhalo yaphansi