Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

2 Thesalonika 3:1-18

3  Ekugcineni, bazalwane, qhubekani nisithandazela,+ ukuba izwi likaJehova+ liqhubeke lihamba ngokushesha+ futhi likhazinyuliswa njengoba nje eqinisweni nilikhazimulisa;  nokuba sikhululwe kubantu abalimazayo nababi,+ ngoba ukholo alulona olwabo bonke abantu.+  Kodwa iNkosi ithembekile, iyoniqinisa futhi inilonde komubi.+  Ngaphezu kwalokho, sinokuqiniseka+ eNkosini ngani, kokuthi niyazenza futhi niyoqhubeka nizenza izinto esiniyala ngazo.+  Kwangathi iNkosi ingaqhubeka iziqondisa ngempumelelo izinhliziyo zenu othandweni+ lukaNkulunkulu nasekukhuthazeleni+ ngenxa kaKristu.  Manje siyaniyala,+ bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu, ukuba nihoxe+ kulowo nalowo mzalwane ohamba ngokungahlelekile+ futhi engahambi ngokwesiko enalamukela kithi.+  Ngoba nina ngokwenu niyayazi indlela okufanele nisilingise ngayo,+ ngoba asiziphathanga ngokungahlelekile phakathi kwenu+  futhi asidlanga kudla kwamuntu mahhala.+ Kunalokho, sasisebenza ubusuku nemini ngokushikashikeka nokukhandleka+ ukuze singathwesi muntu kini umthwalo oyizindleko ezinkulu.+  Akukhona ukuthi asinalo igunya,+ kodwa sasebenza ukuze sizinikele kini njengesibonelo ukuba nisilingise.+ 10  Eqinisweni, futhi, ngesikhathi sinani, sasivame ukuniyala kanje:+ “Uma umuntu engafuni ukusebenza, makangadli futhi.”+ 11  Ngoba siyezwa ukuthi abathile bahamba ngokungahlelekile+ phakathi kwenu, bengasebenzi nhlobo kodwa bezigaxa kokungabathinti.+ 12  Abantu abanjalo siyabayala futhi siyabakhuthaza eNkosini uJesu Kristu ukuba badle ukudla abazizuzela kona ngokusebenza bethule.+ 13  Nina, bazalwane, ningayeki ukwenza okufanele.+ 14  Kodwa uma umuntu engalilaleli izwi lethu+ eliza ngale ncwadi, mgcineni ephawuliwe lowo,+ niyeke ukuzihlanganisa naye,+ ukuze abe namahloni.+ 15  Kodwa nokho ningambheki njengesitha, kodwa niqhubeke nimyala+ njengomfowenu. 16  Kwangathi iNkosi yokuthula uqobo inganinika ukuthula ngazo zonke izindlela.+ INkosi ibe nani nonke. 17  Nanku umkhonzo wami, okaPawulu, ngesandla sami siqu,+ okuyisibonakaliso kuzo zonke izincwadi; yile ndlela engiloba ngayo. 18  Umusa ongafanelwe+ weNkosi yethu uJesu Kristu ube nani nonke.

Imibhalo yaphansi