Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

2 Thesalonika 1:1-12

1  UPawulu noSilvanu noThimothewu+ kini bandla labaseThesalonika elinobunye noNkulunkulu uBaba wethu neNkosi uJesu Kristu:  Kwangathi ningaba nomusa ongafanelwe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu.+  Sibophekile ukuba simbonge uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi ngenxa yenu,+ bazalwane, njengoba kufanele, ngenxa yokuthi ukholo lwenu lukhula+ ngokudlulele nothando lwenu nonke luyanda komunye nomunye.+  Ngenxa yalokho, nathi ngokwethu siyaziqhenya+ ngani phakathi kwamabandla kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela nokholo lwenu kukho konke ukushushiswa kwenu nezinsizi enizibekezelelayo.+  Lokhu kuwubufakazi besahlulelo esilungileyo sikaNkulunkulu,+ okuholela ekubeni nibalwe njengabawufanelekele umbuso kaNkulunkulu,+ okuyiwona empeleni enihlupheka ngenxa yawo.+  Lokhu kuhlanganisa nokuthi kuwukulunga ngoNkulunkulu ukuba abuyisele usizi kulabo abanibangela usizi,+  kodwa, kini enibhekene nosizi, impumuzo kanye nathi ekwambulweni+ kweNkosi uJesu ivela ezulwini ikanye nezingelosi zayo ezinamandla+  emlilweni ovutha amalangabi, njengoba iletha impindiselo+ phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu+ nakulabo abangazilaleli+ izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.+  Bona kanye laba bayothola isijeziso sokwahlulelwa+ esiwukubhujiswa okuphakade+ basuke phambi kweNkosi nasenkazimulweni yamandla ayo,+ 10  ngesikhathi ifika izokhazinyuliswa ngokuqondene nabangcwele bayo+ nokuba ibhekwe ngokumangala ngalolo suku ngokuqondene nabo bonke ababonisa ukholo, ngenxa yokuthi ubufakazi esabunikeza bahlangabezana nokholo phakathi kwenu. 11  Ngempela siyanikhulekela ngaso sonke isikhathi ngenxa yayo kanye leyo njongo, ukuba uNkulunkulu wethu anibale njengabakufanelekele ukubizwa+ nguye futhi enze ngokuphelele konke okuhle akuthandayo nomsebenzi wokholo ngamandla; 12  ukuze igama leNkosi yethu uJesu likhazinyuliswe kini,+ nani ebunyeni+ nayo, ngokuvumelana nomusa ongafanelwe+ kaNkulunkulu wethu noweNkosi uJesu Kristu.

Imibhalo yaphansi