Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

2 Korinte 9:1-15

9  Ngokuphathelene nokukhonza+ abangcwele, akudingekile ukuba nginilobele ngakho,  ngoba ngiyakwazi ukulungela kwengqondo yenu engiziqhayisa ngani ngakho kwabaseMakedoniya, ukuthi sekuwunyaka+ manje i-Akhaya limi lizilungiselele, futhi intshiseko yenu iye yashukumisa iningi labo.  Kodwa ngithumela abazalwane, ukuze ukuziqhayisa kwethu ngani kungabonakali kuyize kulesi sici, kodwa ukuba nibe abalungele ngempela,+ njengoba nje ngangivame ukuthi niyobe ninjalo.  Uma kungenjalo, ngandlela-thile, uma abaseMakedoniya bengeza kanye nami futhi banithole ningazilungiselele, siyohlazeka thina—ngingasasho nina—kulokhu kuqiniseka kwethu.  Ngakho-ke ngacabanga ukuthi kudingekile ukukhuthaza abazalwane ukuba beze kini kusengaphambili futhi basilungise kusengaphambili isipho senu esibonisa ukuphana esathenjiswa ngaphambili,+ ukuze kanjalo sibe sesilungile njengesipho esibonisa ukuphana hhayi njengento ephangiwe.+  Kodwa ngokuqondene nalokhu, lowo ohlwanyela kancane+ uyovuna kancane futhi; nalowo ohlwanyela kakhulu+ uyovuna kakhulu futhi.  Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka+ noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.+  Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uyakwazi ukwenza wonke umusa wakhe ongafanelwe uvame kini, ukuze kuthi, nakuba ngaso sonke isikhathi ninokwaneliswa okuphelele kuzo zonke izinto, nibe nokuningi kwawo wonke umsebenzi omuhle.+  (Njengoba nje kulotshiwe: “Wabile kabanzi, ubaphile abampofu, ukulunga kwakhe kuqhubeka kuze kube phakade.”+ 10  Manje lowo onika umhlwanyeli imbewu ngobuningi nesinkwa sokudla+ uyoninika futhi aniphindaphindele imbewu ukuba nihlwanyele futhi uyowandisa umkhiqizo wokulunga kwenu.)+ 11  Ezintweni zonke nicetshiselwa yonke inhlobo yokuphana, okuveza ngathi isenzo sokubonisa ukubonga kuNkulunkulu;+ 12  ngoba inkonzo yalo msebenzi womphakathi ayikhona nje ukwanelisa kakhulu ukuswela kwabangcwele+ kodwa futhi nokuceba ngezenzo eziningi zokubonisa ukubonga kuNkulunkulu. 13  Ngobufakazi obunikezwa yile nkonzo, bakhazimulisa uNkulunkulu ngenxa yokuthi ningabazithobayo ezindabeni ezinhle mayelana noKristu,+ njengoba nje nivuma obala ukuthi ninjalo, nangenxa yokuthi niyaphana emnikelweni wenu kubo nakubo bonke;+ 14  nangokuninxusela bayanilangazelela ngenxa yomusa kaNkulunkulu ongafanelwe+ odlulele ophezu kwenu. 15  Makabongwe uNkulunkulu ngesipho sakhe sesihle esingachazeki.+

Imibhalo yaphansi