2 Korinte 6:1-18
6 Njengoba sisebenza kanye naye,+ siyanincenga futhi ukuba ningawamukeli umusa ongafanelwe kaNkulunkulu bese nilahlekelwa injongo yawo.+
2 Ngoba yena uthi: “Ngesikhathi esamukelekayo ngakuzwa, nangosuku lwensindiso ngakusiza.”+ Bhekani! Manje yiso isikhathi esamukeleka ngokukhethekile.+ Bhekani! Manje yilo usuku lwensindiso.+
3 Asinikezi sizathu sokukhubeka nangayiphi indlela,+ ukuze inkonzo yethu ingatholakali inephutha;+
4 kodwa ngazo zonke izindlela sizitusa+ njengezikhonzi zikaNkulunkulu, ngokukhuthazelela okuningi, ngezinsizi, ngokuswela, ngobunzima,+
5 ngokushaywa, ngamatilongo,+ ngeziyaluyalu, ngemishikashika, ngokuqwasha ebusuku, ngezikhathi zokungabi nakudla,+
6 ngokuhlanzeka, ngolwazi, ngokubekezela,+ ngomusa,+ ngomoya ongcwele, ngothando olungenabuzenzisi,+
7 ngenkulumo eyiqiniso, ngamandla kaNkulunkulu;+ ngezikhali+ zokulunga esandleni sokunene nakwesobunxele,
8 ngenkazimulo nehlazo, ngombiko omubi nombiko omuhle; njengabakhohlisi+ kodwa sibe sineqiniso,
9 njengabangaziwa kodwa sibe siqashelwa,+ njengabafayo kodwa, bheka! siyaphila,+ njengabayalwayo+ kodwa asinikelwa ekufeni,+
10 njengabadabukile kodwa sibe sijabula njalo, njengabampofu kodwa senza abaningi bacebe, njengabangenalutho kodwa sibe sinezinto zonke.+
11 Umlomo wethu uvulekele kini baseKorinte, inhliziyo+ yethu yanulekile.
12 Animinyene ngaphakathi kithi,+ kodwa niminyene othandweni lwenu.+
13 Ngakho, njengembuyiselo—ngikhuluma njengokungathi ngikhuluma nabantwana+—nani yanulekani.
14 Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa.+ Ngoba kunabudlelwane buni ukulunga nokungalungi na?+ Noma, ukukhanya kunasabelo sini nobumnyama?+
15 Ngaphezu kwalokho, kunakuvumelana kuni phakathi kukaKristu noBheliyali?+ Noma, unasabelo+ sini umuntu okholwayo nongakholwa?
16 Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe?+ Ngoba thina siyithempeli+ likaNkulunkulu ophilayo; njengoba nje uNkulunkulu athi: “Ngiyohlala phakathi kwabo+ futhi ngihambe phakathi kwabo, ngiyoba uNkulunkulu wabo, bona bayoba ngabantu bami.”+
17 “‘Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova, ‘futhi niyeke ukuthinta into engcolile’”;+ “‘ngizonamukela.’”+
18 “‘Futhi mina ngiyoba uyihlo,+ nina nibe amadodana namadodakazi kimi,’+ kusho uJehova uMninimandla onke.”+