Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

2 Korinte 13:1-14

13  Lokhu sekungokwesithathu+ ngiza kini. “Zonke izindaba kumelwe ziqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu.”+  Ngishilo ngaphambili, futhi, njengokungathi ngikhona ngokwesibili kodwa nokho ngingekho manje, ngiyasho kusengaphambili kulabo abaye bona ngaphambili nakubo bonke abanye, ngithi uma kwenzeka ngiphinda ngiza ngeke ngigodle,+  njengoba nifuna ubufakazi bokukhuluma kukaKristu ngami,+ uKristu ongebuthakathaka kini kodwa onamandla phakathi kwenu.  Ngempela, yiqiniso, wabethelwa+ ngenxa yobuthakathaka,+ kodwa uyaphila ngenxa yamandla kaNkulunkulu.+ Yiqiniso, futhi, sibuthakathaka kanye naye, kodwa siyophila kanye naye+ ngenxa yamandla kaNkulunkulu+ kini.  Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini, qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.+ Noma aniqapheli yini ukuthi uJesu Kristu umunye nani?+ Ngaphandle-ke uma ningamukeleki.  Ngempela ngithemba ukuthi nizokwazi ukuthi asibona abangamukeleki.  Sithandaza+ kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, hhayi ukuba thina ngokwethu sibonakale samukelekile, kodwa ukuba nenze okuhle, nakuba thina ngokwethu singase sibonakale singamukeleki.  Ngoba asinakwenza lutho olumelene neqiniso, kodwa kuphela oluvuna iqiniso.+  Ngokuqinisekile, siyajabula noma nini lapho thina sibuthakathaka kodwa nina ninamandla;+ futhi siyakuthandazela lokhu,+ ukulungiswa kwenu. 10  Kungakho ngiloba lezi zinto lapho ngingekho, ukuze kuthi uma sengikhona, ngingathathi isinyathelo esinzima+ ngokwegunya iNkosi eyanginika lona, ukuba ngakhe+ hhayi ukuba ngidilize. 11  Okokugcina, bazalwane, qhubekani nijabula, nilungiswa, niduduzwa,+ nicabanga ngokuvumelana,+ niphila ngokuthula;+ khona-ke uNkulunkulu wothando nokuthula+ uyoba nani. 12  Bingelelanani ngokwanga okungcwele.+ 13  Bonke abangcwele bayakhonza kini. 14  Umusa ongafanelwe weNkosi uJesu Kristu nothando lukaNkulunkulu nokuba nesabelo emoyeni ongcwele makube nani nonke.+

Imibhalo yaphansi