Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

1 Thimothewu 3:1-16

3  Athembekile lawo mazwi.+ Uma umuntu ezama ukufinyelela ukuba umbonisi,+ ufisa umsebenzi omuhle.  Ngakho-ke umbonisi kufanele abe ongasoleki,+ indoda emfazi munye, elinganiselayo,+ ehluzekile engqondweni,+ ehlelekile,+ engenisa izihambi,+ enekhono lokufundisa,+  engeyena umxokozeli odakwayo,+ engashayi,+ kodwa ecabangelayo,+ engesona isilwi,+ engeyena umthandi wemali,+  indoda eyengamela umkhaya wayo ngendlela enhle,+ enabantwana abazithoba ngobuqotho ngokuphelele;+  (ngempela uma umuntu engakwazi ukwengamela indlu yakhe siqu, angalinakekela kanjani ibandla likaNkulunkulu?)  kungabi umuntu osanda kuguquka,+ funa akhukhumale+ awele esahlulelweni esikhishelwe uDeveli.+  Ngaphezu kwalokho, kufanele futhi afakazelwe kahle abantu bangaphandle,+ ukuze angaweli esihlambeni nasogibeni+ lukaDeveli.  Izinceku ezikhonzayo+ ngokufanayo kufanele zingathathi izinto kalula, zingabi ngamaphixiphixi, zingazinikeli ewayinini eliningi, zingahaheli inzuzo yokungathembeki,+  ziphathe imfihlo+ engcwele yokholo ngonembeza ohlanzekile.+ 10  Futhi, mazivivinywe+ kuqala ukuthi ziyafaneleka yini, khona-ke zingakhonza njengezikhonzi, lokhu zingenakubekwa cala.+ 11  Nabesifazane ngokufanayo kufanele bathathe izinto ngokungathi sína, bangabi abanyundelayo,+ balinganisele,+ bathembeke ezintweni zonke.+ 12  Izinceku ezikhonzayo mazibe amadoda amfazi munye,+ engamela abantwana nemikhaya yawo ngendlela enhle.+ 13  Ngoba amadoda akhonza ngendlela enhle azizuzela ukuma okuhle+ nenkululeko enkulu yokukhuluma+ okholweni olumayelana noKristu Jesu. 14  Ngikulobela lezi zinto, nakuba ngithemba ukuza kuwe ngokushesha,+ 15  ukuze kuthi uma kwenzeka ngilibala, wazi ukuthi kufanele uziphathe kanjani endlini+ kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nozime+ lweqiniso. 16  Ngempela, kuyavunywa ukuthi inkulu imfihlo+ engcwele yalokhu kuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ewukuthi: ‘Wabonakaliswa enyameni,+ kwathiwa ulungile emoyeni,+ wabonakala ezingelosini,+ washunyayelwa phakathi kwezizwe,+ izwe+ lakholwa nguye, wamukelwa phezulu ngenkazimulo.’+

Imibhalo yaphansi