Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

IBhayibheli Elikuyi-Internet | INGUQULO YEZWE ELISHA YEMIBHALO ENGCWELE

1 Thimothewu 2:1-15

2  Ngakho-ke okokuqala, ngikhuthaza ukuba ukunxusa, imithandazo,+ ukuncenga nokubonga, kwenzelwe zonke izinhlobo zabantu,+  kwenzelwe amakhosi+ nabo bonke abasezikhundleni eziphakeme;+ ukuze siqhubeke siphila ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele nokungathathi izinto kalula.+  Lokhu kuhle futhi kuyamukeleka+ emehlweni oMsindisi wethu, uNkulunkulu,+  ontando yakhe iwukuba zonke izinhlobo zabantu+ zisindiswe+ futhi zifinyelele olwazini olunembile+ lweqiniso.+  Ngoba kukhona uNkulunkulu oyedwa,+ nomlamuleli oyedwa+ phakathi kukaNkulunkulu+ nabantu,+ umuntu, uKristu Jesu,+  owazinikela waba yisihlengo esihambelanayo sabo bonke+—lokhu yilokho okuzofakazelwa ngezikhathi zako.  Ngenjongo yalobu bufakazi+ ngamiselwa ukuba ngumshumayeli nomphostoli+—ngikhuluma iqiniso,+ angiqambi amanga—umfundisi wezizwe+ endabeni yokholo+ neqiniso.  Ngakho-ke, ngifisa ukuba ezindaweni zonke amadoda aqhubeke ethandaza, ephakamisa izandla ezithembekile,+ ngaphandle kolaka+ nokuphikisana.+  Ngokufanayo, ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha+ nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amapharele noma ngemvunulo ebiza kakhulu,+ 10  kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu,+ okungukuthi, ngemisebenzi emihle.+ 11  Owesifazane makafunde ethule ngokuzithoba okuphelele.+ 12  Angimvumeli owesifazane ukuba afundise,+ noma ukuba abe negunya phezu kwendoda,+ kodwa ukuba athule. 13  Ngoba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva.+ 14  Futhi u-Adamu akakhohliswanga,+ kodwa owesifazane wakhohliswa+ ngokuphelele wayeseqa umthetho.+ 15  Nokho, uyogcineka ephephile ngokuzala abantwana,+ uma kodwa beqhubeka okholweni nasothandweni nasekungcwelisweni okuhambisana nokuhluzeka kwengqondo.+

Imibhalo yaphansi