USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Vikela Ingane Yakho Ezithombeni Ezingcolile Zocansi

Vikela Ingane Yakho Ezithombeni Ezingcolile Zocansi

 “Akukhona nje ukuthi besingabazi ubungozi bezithombe ezingcolile kodwa sasingazi ukuthi indodakazi yethu ingachayeka kalula nje kuzo.”—UNicole.

Kulesi sihloko

 Okufanele ukwazi

 Izingane zingachayeka ezithombeni ezingcolile zisencane. Ucwaningo lubonisa ukuthi izingane ziqala ukubona izithombe ezingcolile zineminyaka engu-11.

 Izingane zichayeka ezithombeni ezingcolile ngisho noma zingaqondile. Ngokwesibonelo, zingase zizibone lapho nje zizibhekela izinto ezingenabungozi ku-inthanethi noma ezinkundleni zokuxhumana. Izithombe ezingcolie zingase zivele nje lapho zidlala ama-games. Izithombe ezingcolile zitholakala ngezindlela ezahlukene, kungaba izithombe noma amavidiyo. Noma kunjalo, izinto ezivusa inkanuko zitholakala kalula kuma-podcasts, okuyinto ongakwazi ukuyidawuniloda.

 Okunye okufanele kucatshangelwe ukuthi abantu bangathumela izingane izithombe ezingcolile ngemiyalezo. Kokunye ukuhlola okwenziwa entsheni engaphezu kuka-900, amantombazane acishe abe amaphesenti angu-90 nabafana abangaba amaphesenti angu-50 athi athola izithombe namavidiyo ezithombe ezingcolile kwabafunda nabo ekilasini njalo.

 Izithombe ezingcolile zocansi zivame ukuba nobudlova. Izithombe zocansi ezingcolile ezidume kakhulu nezifinyeleleka kalula ngokuvamile zinezinga elithile lobudlova, ngokuvamile obubhekiswe kubantu besifazane.

 Izithombe zocansi ezingcolile zilimaza izingane. Ucwaningo lubonisa ukuthi izingane ezichayeka ezithombeni ezingcolile zivame ukwenza lokhu okulandelayo:

  •   zisalela emuva emsebenzini wesikole

  •   ziyakhathazeka, zicindezeleke futhi zingazethembi

  •   zibheka ukuhlukumeza ngokocansi njengokuziphatha okuvamile

 Iphuzu eliyinhloko: Izingane zisengozini yokuthola imiphumela eyingozi yezithombe ezingcolile, abazali basesimweni esingcono kakhulu sokuzivikela.

 Isimiso seBhayibheli: “La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho, kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.”—Duteronomi 6:6, 7.

 Indlela yokuvikela ingane yakho ezithombeni ezingcolile

 Thola amaqiniso. Cabanga ngezindlela ingane engachayeka kalula ezithombeni ezingcolile. Ngokwesibonelo, ingabe ine-Inthanethi engagadiwe ngesikhathi sekhefu esikoleni?

Ingane yakho ingachayeka ezithombeni ezingcolile zocansi ngezindlela eziningi

 Funda izici zokuphepha zefoni yakhe, futhi ujwayelane nezinhlelo azisebenzisayo nemidlalo ayidlalayo. Ngokwesibonelo, ezinye izinhlelo zemiyalezo zikuvumela ukuba wenze imiyalezo yakho ”‏inyamalale,”‏ ngakho imiyalezo, amavidiyo nezithombe kunganyamalala ngemva kwesikhashana. Iyanda imidlalo yama-games evumela oyidlalayo ukuba abukele izithombe ezingcolile noma enze sengathi wenza izenzo zocansi.

 “Kulokho engabhekana nakho ngathola lokhu: Uma ingane yakho ine-smartphone, wena njengomzali kufanele wazi ukuthi isetshenziswa kanjani, imaphi amawebusayithi engawasebenzisa, indlela yokuhlola lokho ekwenzayo efonini.”—UDavid.

 Isimiso seBhayibheli: “Inhliziyo yoqondayo izuza ulwazi.”—IzAga 18:15.

 Yenza konke ongakwenza ukuze uvimbele ukuchayeka. Thatha izinyathelo zokunciphisa izingozi. Ngokwesibonelo: Vala zonke izinto ezingenza ingane yakho ichayeke ekuboneni izithombe ezingcolile emishinini yezobuchwepheshe yasekhaya. Vula i-parental controls. Wazi wonke ama-password ingane ewasebenzisayo.

 “Ngikuthole kuwusizo ukusebenzisa i-parental control kuyo yonke imishini yezobuchwepheshe yasekhaya, ukuvala zonke izinhlelo ingane yakho engakwazi ukuzibona ku-TV exhunywa ku-inthanethi bese ufaka ne-PIN efonini yayo.”—UMaurizio.

 “Angibavumeli abafana bami ukuthi babukele amavidiyo ekamelweni labo umnyango uvaliwe. Uma sekuyisikhathi sokulala, angibavumeli ukuba bathathe amafoni abo baye nawo ekamelweni.”—UGianluca.

 Isimiso seBhayibheli: “Onokuqonda uyayibona ingozi acashe.”—IzAga 22:3.

 Lungiselela ingane yakho ingakachayeki. “Abanye abazali bayakugwema ukukhuluma nengane yabo ngezithombe ezingcolile, bezitshela ukuthi ingane yabo ayisoze yabhekana nale nkinga,” kusho umama okuthiwa uFlavia. Abanye abazali bangase bakhathazeke, ‘Uma ngiyiveza, ingane yami izozibheka.’ Le ndlela yokucabanga iyiphutha. Abazali abahlakaniphile bazofundisa ingane yabo ngezingozi zocansi ngaphambi kokuba ichayeke kuzo. Ungakwenza kanjani lokho?

 Fundisa izingane ezincane ukuthi yini okufanele ziyenze uma kuvela izithombeni ezingcolile. Ngokwesibonelo, zingavala amehlo azo noma zivale amafoni. Futhi zikhuthaze ukuba zikhulume nawe ngalokho ezikubonile noma ezikuzwile. a

 “Saqala ukukhuluma ngezingozi zezithombe ezingcolile indodana yami isencane kakhulu. Lapho ineminyaka engaba ngu-11, izikhangiso zezithombe ezingcolile zaqala ukuvela emidlalweni yama-games eyayiwadawunilodile. Lezo zithombe zazihambisana nezimemo zokuthumela izithombe zakhe. Ngenxa yokuthi sasixoxile ukuthi enzeni uma lokho kwenzeka, weza kimi ngokushesha wangitshela okwenzekile.”—UMaurizio.

 Isimiso seBhayibheli: “Qeqesha ingane ngendlela okufanele ihambe ngayo; ngisho nalapho ikhula ngeke isuke kuyo.”—IzAga 22:6, umbhalo waphansi.

 Siza izingane ezindala ukuba zimelane nesilingo sokubuka, ukulalela noma ukufunda izithombe zocansi ezingcolile. Ngokwesibonelo, ungasiza ingane yakho ukuba ilungiselele isivumelwano lapho ibhala khona ukuthi izokwenzani uma ichayeke ezithombeni ezingcolile zocansi nokuthi kungani ifuna ukuthatha leso sinyathelo. Yicele ukuba ifake esivumelwaneni ukuthi izoba yini imiphumela yokubuka izithombe ezingcolile ngamabomu, njengokulahlekelwa ukuzihlonipha, ukungethenjwa abazali bayo nokulimaza ubuhlobo bayo noNkulunkulu. b

 “Zisize zicabange ngemiphumela ehlala isikhathi eside.”—ULauretta.

 “Uma izingane zethu zingaqondi nje kuphela izingozi zezithombe ezingcolile kodwa nendlela uJehova azizwa ngayo ngazo, ziyovikeleka kangcono.”—UDavid.

 Isimiso seBhayibheli: “Ukuhlakanipha kuyisivikelo.”—UmShumayeli 7:12.

 Khuluma nazo njalo. Nakuba kungase kube nzima ukukholelwa ukuthi izingane ziyafuna ukukhuluma nabazali bazo ngezindaba zocansi kuhlanganise nezithombe ezingcolile zobulili, empeleni ziyafuna. “Sifundile ukuthi izingane zifuna ukukhuluma ngezindaba zocansi nabazali bazo ngisho zisencane kakhulu futhi zifuna ukukhuluma ngazo izikhathi eziningi,” kusho uDame Souza, we-Children’s Commissioner for England. “Izingane zifuna ingxoxo ehambisana neminyaka yazo, ihambisane nokukhula kwazo.

 “Lapho ngikhula, kwakunezihloko abazali bami ababengakaze baxoxe ngazo nami. Ngifisa sengathi ngabe saxoxa ngokukhululekile ngazo. Manje njengoba sengingumama, ngenza konke engingakwenza ukuze ngixoxe nezingane zami ngocansi njalo nangendlela ekhululekile.”—UFlavia.

 Uma ingane yakho ike yachayeka ezithombeni ezingcolile

 Yehlisa umoya. Uma uthola ukuthi ingane yakho ike yabuka, yalalela, noma yafunda izithombe ezingcolile, zama ukulawula indlela osabela ngayo. Ingane ingase iphatheke kabi, ithukile, noma inecala ngalokho okwenzekile. Ukusabela ngentukuthelo kuyomane kuyenze ingafuni ukukhuluma ngakho nawe esikhathini esizayo.

 Isimiso seBhayibheli: “Umuntu onolwazi uyawabamba amazwi akhe, nomuntu onokuqonda uyohlale ezolile.”—IzAga 17:27.

 Thola amaqiniso. Kunokuba ufinyelele isiphetho buza imibuzo ukuze uthole ukuthi ingane yakho izithole kanjani izithombe ezingcolile zocansi. Ngokwesibonelo, ingabe khona othile oyithumele noma izitholele yona ngokwayo? Ingabe kuyaqala ukwenzeka noma sekuke kwenzeka ngaphambili? Ingabe umshini wayo wobuchwepheshe ufakiwe ama-parental controls? Uma kunjalo, ingabe iyona ezicingile izithombe ezingcolile zocansi? Khumbula, umgomo wakho ukukhuthaza ingane yakho ukuba iveze indlela ezizwa ngayo, hhayi ukuyipheka ngemibuzo.

 Isimiso seBhayibheli: “Imicabango yenhliziyo yomuntu injengamanzi ajulile, kodwa umuntu onokuqonda uyayikhipha.”—IzAga 20:5.

 Thatha isinyathelo. Ngokwesibonelo, uma ibone izithombe ezingcolile ngephutha, zama ukuqinisa ama-parental controls efonini yayo.

 Uma uthole ukuthi iyona ezifunele izithombe ezingcolile, inikeze isiyalo esinothando kodwa esiqinile. Zama ukuyenza ukuba igweme izithombe ezingcolile ngokuthi nixoxe ngemiBhalo enjengoJobe 31:1, iHubo 97:10 neHubo 101:3. c Yazise ukuthi uzoyihlola isonto ngalinye ukuze ubone ukuthi yenza kahle yini noma kukhona okuthile okudingeka ukunezele ukuze uyisize.

 Isimiso seBhayibheli: “Ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngokubaqeqesha nangesiyalo sikaJehova.”—Efesu 6:4.

a Ukuze uthole amacebiso ahambisana neminyaka yengane yakho aphathelene nokuxoxa ngocansi. Bheka isihloko esithi “Abazali Bangazifundisa Kanjani Izingane Zabo Ngocansi?

b Ukuze uthole okunye ongakufaka kulesi sivumelwano enisenzile, bheka ikhasi lomsebenzi elithi “Indlela Yokugwema Izithombe Ezingcolile.”

c Ungase ucabangele nokubheka ndawonye isihloko esithi “Kungani Kufanele Ugweme Izithombe Ezingcolile?