Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Kungani Kubalulekile Ukuba Izingane Zikwazi Ukufunda—Ingxenye 1: Ziyafunda noma Ziyabuka?

Kungani Kubalulekile Ukuba Izingane Zikwazi Ukufunda—Ingxenye 1: Ziyafunda noma Ziyabuka?

 Ngesikhathi sokuphumula, izingane zakho zithanda ukwenzani: ukubukela amavidiyo noma ukufunda? Yini abangayithatha kuqala phakathi kwefoni nencwadi?

 Sekuphele amashumi eminyaka, ukufunda kunezimbangi—kwaqale kwaba i-TV kwalandela inqwaba yezinto ezibukwayo nezenziwa kuyi-inthanethi. Encwadini yakhe yango-1990 ethi Endangered Minds, uJane Healy wathi, “Into nje ethinta ukufunda kubonakala izophelelwa isikhathi.”

 Ngaleso sikhathi, lawo mazwi ayengase abonakale eyihaba. Kodwa manje ngemva kweminyaka engu-30, abanye othisha emazweni okusetshenziswa kakhulu kuwo ezobuchwepheshe, baphawule ukuthi ngokwesilinganiso, lehle kakhulu ikhono lokufunda kubantu abasha.

Kulesi sihloko

 Kungani kubalulekile ukuba izingane zikwazi ukufunda?

  •   Ukufunda kuyayixukuza ingqondo. Ngokwesibonelo, lapho ufunda indaba ethile, yini oyiphawulayo ngamazwi abalingiswa? Babukeka kanjani? Injani indawo abakuyo? Umbhali usibeka esithombeni, kodwa umfundi kumele azitholele eminye imininingwane.

     Omunye umama okuthiwa uLaura uthi, “Uma sibukela imuvi sisuke sibuka indlela omunye umuntu acabanga ngayo. Nakuba kungase kujabulise lokho, kodwa kunento ekhethekile ngokufunda—usuke wenza amazwi omunye umuntu aphile engqondweni yakho.”

  •   Ukufunda kwakha ubuntu. Lapho izingane zifunda, ziqala ukuba nekhono lokuqonda izinkinga zazo futhi zizixazulule. Ukufunda kuphinde kuzenze zigxile kwezikufundayo. Lapho zenza kanjalo ziba nobuntu obufana nesineke, ukuzithiba nozwela.

     Uzwela? Yebo! Abanye abacwaningi bakholelwa ukuthi lapho izingane zifunda indaba ngokucophelela, zingajahile, lokho kuyazisiza zicabange ngemizwa yabalingiswa ezifunda ngabo. Lokho kungenza izingane nazo zibe nozwela kubantu ezihlangana nabo ekuphileni kwazo.

  •   Ukufunda kukwenza ujule. Abafundi abacophelelayo abajahi ukuqeda—baphinde babuyele emuva uma kudingeka—ukuze baqonde okushiwo umbhali. Njengoba benza kanjalo, maningi amathuba okuba bakwazi ukukhumbula abakufundile futhi bazuze kukho.—1 Thimothewu 4:15.

     Ubaba okuthiwa uJoseph waphawula: “Uma ufunda uyakwazi ukukuthola kalula okushiwo endabeni, ukuhlobanise nalokho okwaziyo futhi ucabange ngokuthi indaba ikufundisani. Amavidiyo namamuvi awakukhuthazi ngaso sonke isikhathi ukuba ucabangisise ngezinto.”

 Nanti iphuzu: Nakuba amavidiyo nezinye izinto ezibukelwayo kunendawo yako, izingane zakho zingalahlekelwa kakhulu ekuphileni uma zingaziniki isikhathi sokufunda.

 Indlela yokuzikhuthaza ukuba zifunde

  •   Sheshe uqale. UChloe, umama wabafana ababili, uthi: “Saqala ukufundela abantwana bethu besesesiswini, futhi saqhubeka ngisho nangemva kokuba sebezelwe. Siyajabula ukuthi saphikelela. Ngokuhamba kwesikhathi, ukufunda—ngisho bezichithela isizungu—kwaba yinto abayijwayele.”

     Okushiwo yiBhayibheli: “Kusukela usewusana uye wazi imibhalo engcwele.”—2 Thimothewu 3:15.

  •   Yenza kube lula ukufunda. Yenza kube lula ukufunda ekhaya ngokubeka izincwadi obala. UTamara, umama onezingane ezine uthi: “Thola izincwadi izingane zakho ezizojabulela ukuzifunda uzibeke eceleni kombhede wazo.”

     Okushiwo yiBhayibheli: “Qeqesha ingane ngendlela okufanele ihambe ngayo; ngisho nalapho ikhula ngeke isuke kuyo.”—IzAga 22:6, umbhalo waphansi.

  •   Nciphisa ukusetshenziswa kwe-inthanethi. Omunye ubaba okuthiwa uDaniel usikisela ukuthi kube nobusuku okuzogwenywa ngabo ukusebenzisa ezobuchwepheshe. Uthi: “Ngisho noma kungaba ubusuku obubodwa vo evikini, obungenamsindo, singaphazanyiswa iTV. Sisebenzisa leso sikhathi ukuba sifunde ndawonye noma umuntu azifundele eyedwa.”

     Okushiwo yiBhayibheli: ‘Qinisekani ngezinto ezibaluleke kakhulu.’—Filipi 1:10.

  •   Beka isibonelo. Nakhu okusikiselwa uKarina, umama onamadodakazi amabili: “Yenze iphile indaba ngendlela ozifundela ngayo izingane zakho nangokukujabulela lokho okufundayo. Uma ukuthanda ukufunda, nezingane zakho zingase zilandele isibonelo sakho.”

     Okushiwo yiBhayibheli: “Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi.”—1 Thimothewu 4:13.

 Akuzona zonke izingane eziyokuthanda ukufunda. Nokho, izingane zakho ziyasidinga isikhuthazo. UDavid, ubaba onamadodakazi amabili wenza nokunye okwengeziwe. Uthi: “Ngivame ukufunda lokho amadodakazi ami abekade ekufunda, okwenza ngihlale ngazi ukuthi athandani nokuthi iziphi izinto esingaxoxa ngazo. Sazenzela elethu iqembu lokufunda. Kwakumnandi!”