Dlulela kokuphakathi

INGABE KWADALWA?

Uketshezi Olubushelelezi Lwenomfi Yomnenke Ongenandlwana

Uketshezi Olubushelelezi Lwenomfi Yomnenke Ongenandlwana

 Sekuyisikhathi eside odokotela abahlinzayo befuna inomfi yezokwelapha ezobasiza lapho behlinza nasekupholeni kwezicubu zomzimba. Izinhlobo eziningi zenomfi ezisetshenziswa manje akufanele zifakwe ngaphakathi emzimbeni. Zinobuthi, ziyaqina lapho sezomile futhi azinamatheli ezicutshini ezimanzi. Lapho betadisha uketshezi olukhiqizwa umnenke, * ososayensi bazitholile izindlela zokuxazulula lezi zinkinga.

 Cabanga ngalokhu: Lapho umnenke uzizwa usongelwa, ukhipha uketshezi olubushelelezi olukwazi ukusiza umnenke unamathele eqabungeni elimanzi. Leli khono livikela umnenke, nakuba luwenza ungakwazi ukunyakaza kangako.

Abacwaningi baye bahlaziya lolu ketshezi futhi bathola izici eziningana ezenza lukwazi ukusebenza njengenomfi evamile.  Ngokwesibonelo, lolu ketshezi lusebenzisa i-chemical bonding ne-electrostatic attraction. Lungena endaweni okuhlezi kuyo umnenke futhi luyanwebeka uma lucindezelwa. Ngokusungula okuthile okusebenza njengoketshezi lomnenke, abacwaningi baye benza inomfi eqine kunanoma iyiphi esetshenziswa odokotela namuhla futhi ekwazi ukunamathela nasentweni ephilayo. Kuthiwa ‘inamathela kahle ezithweni zomzimba ngendlela uqwanga (cartilage) olunamathela ngayo ethanjeni.’

 Abacwaningi bakholelwa ukuthi le nomfi ingaba ingxenye yamathuluzi asetshenziswa odokotela abahlinzayo, iqede isidingo semithungo noma ama-staple. Ingasetshenziselwa ukulungisa uqwanga noma ukunamathisela amadivayisi ezokwelapha lapho edingeka khona emzimbeni. Izivivinyo kakade zibonisa ukuthi le nomfi ingasebenza ekuvaleni imbobo enhliziyweni yengulube nezimbobo ezinsweni zamagundane.

 Ososayensi bavame ukuthola izixazululo zezinkinga ezivamile ngokutadisha indalo esizungezile. “Kudingeka wazi ukuthi ungabhekaphi futhi uphaphamele ukuthola imibono ewukuhlakanipha ezintweni ozibonayo,” kusho uDonald Ingber, umqondisi wesikhungo esisungule inomfi esetshenziselwa ukwelapha.

 Ucabangani? Ingabe inomfi engokwemvelo esoketshezini lomnenke yazivelela ngokuziphendukela kwemvelo? Noma ingabe yadalwa?

^ par. 1 Igama lawo lezesayensi yi-Arion subfuscus.