Dlulela kokuphakathi

Ukufunda Ngemidwebo

Lezi ziqeshana zama-video zikhuluma ngezindaba ezibalulekile kodwa zenza kube mnandi ukufunda ngazo!

 

Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Ngempela?

Funda indlela iBhayibheli elingakusiza ngayo uphile ukuphila okungcono kakhulu!

Kufanele Ngisiyeke Yini Isikole?

Iziqhwaga, ukukhathazeka nokufeyila kungenza isikole sibe nzima nakakhulu kunalokho esiyikho. Ungasiyeki isikole. Bona amacebiso eBhayibheli nezinyathelo ongazithatha ukuze uphumelele esikoleni.

Kungani Kufanele Uthembeke?

Ingabe udinga ukuqamba amanga ukuze uphumelele? Zibonele ukuthi kungani kukuhle ukwethembeka.

Hlakanipha—Uhlanzeke

Ukugcina izinto zihlelekile futhi zihlanzekile kuhlale kuyinto enhle kuwe nakubantu abakuzungezile. Kungakwenza uhlale ungumqemane kunciphise nokukhathazeka.

Luyini Ubandlululo?

Leli gciwane eliwubandlululo selibaqedile abantu. Vumela iBhayibheli likusize uqikelele ukuthi awulitholi.

Zivikele Emangeni

Ungakholwa yiyo yonke into oyizwayo noma oyifundayo. Funda indlela yokuhlaziya imininingwane ukuze usiphule amanga.

Indlela Yokuphatha Kahle Imali Yakho

Iphathe kahle imali yakho ukuze ikusize lapho uyidinga!

Ungakuvumeli Ukuphila Kwakho Kushabalale Njengentuthu

Njengoba abantu abaningi bebhema noma bebhema besebenzisa i-vape, abanye bayekile ukubhema kanti abanye bazama kanzima ukuyeka. Kungani? Ingabe ukubhema kubi ngaleyo ndlela?

Imidlalo Yamavidiyo: Ingabe Uyawina Ngempela?

Imidlalo yamavidiyo ingaba yindlela enhle yokuzijabulisa kodwa futhi inobungozi. Ungalugwema kanjani ugibe lwawo futhi uphumelele ngempela ekuphileni?

Nqoba Ukudangala Ujabule

Yini ongayenza uma ucindezelwe ukudangala?

Okufanele Ukwazi Ngezemidlalo

Ezemidlalo zingakufundisa amakhono ahlukahlukene, okuhlanganisa nokusebenzelana nabanye. Ingabe imidlalo kufanele ibe enye yezinto ezibalulekile kakhulu ekuphileni kwakho?

Cabanga Ngemiphumela Yokuphuza

Uma uphuzile, abaningi bathi wenza izinto ozisolayo ngazo kamuva. Ungazivikela kanjani ezinkingeni nasengozini yokuphuza ngokweqile?

Ngingaxoxa Kanjani Nabazali Bami?

Ngingaxoxa kanjani nabazali bakho uma uzizwa ungathandi ukuxoxa?

Ingabe Imishini Yakho Yezobuchwepheshe Iyakubusa?

Nakuba uphila ezweni lezobuchwepheshe, akufanele likulawule. Ungabona kanjani ukuthi usuwumlutha womshini wakho? Uma unenkinga yalokhu, ungazishintsha kanjani izinto?

Ngingayithola Kanjani Inkululeko Ethe Xaxa?

Ucabanga ukuthi usukulungele ukuphathwa njengomuntu omdala kodwa abazali bakho abavumelani nawe. Iziphi izinyathelo ongazithatha ukuze ubenze bakwethembe?

Ngingayigwema Kanjani Inhlebo?

Noma nini lapho inkulumo elimazayo ingena engxoxweni, thatha isinyathelo ngokushesha!

Ingabe Uthando Noma Ukuthatheka?

Thola ukuthi ukuthatheka nothando lwangempela kuyini.

Melana Nokucindezela Kontanga!

Izinyathelo ezine ezilula ongazithatha ukuze ube nesibindi sokuba nguwe.

Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izingosi Zokuxhumana

Kujabulele ukusebenzisa i-Internet lapho uxhumana nabangane bakho futhi ukwenze ngokucophelela.

Unjani Umngane Weqiniso?

Kulula ukuthola abangane mbumbulu, kodwa ungamthola kanjani umngane weqiniso?

Nqoba Isiqhwaga Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela

Funda ukuthi kungani kunabantu abazenza iziqhwaga nokuthi ungabhekana kanjani nabo ngokuphumelelayo.