Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, UMqulu 1
‘Ngingakhulumisana kanjani nabazali bami?’ ‘Ngingabenza kanjani abangane?’ ‘Yini engalungile ngokulala nomuntu engingathandani naye?’ ‘Kungani ngiba lusizi kangaka?’
Uma uke wazibuza le mibuzo, awuwedwa. Kungenzeka wathola izimpendulo eziphikisanayo, kuye ngokuthi ubuze bani. Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, UMqulu 1, ingakusiza. Iseluleko sayo sisekelwe ezimisweni ezisebenzayo eziseBhayibhelini. IZwi likaNkulunkulu lisize abaningi ukuba babhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila. Thola ukuthi lingakusiza kanjani wena!
Le ncwadi inalezi zingxenye:
Eziphathelene Nomkhaya
Okuphathelene Nawe Siqu
Ngaphakathi Nangaphandle Kwekilasi
Ubulili, Ukuziphatha Nezothando
Ukuziphatha Okulimazayo
Isikhathi Okhululeke Ngaso
Ukukhulekela Kwakho
ISithasiselo Sabazali
Ungazithathela le ncwadi ikuyi-PDF, noma uzicelele enyathelisiwe ngokubhalela emahhovisi ethu.
Phawula: I-PDF yale ncwadi inezikhala ongazigcwalisa. Ungabhala izimpendulo zakho ngokuqondile kuyo uma uhlelo olusebenzisayo lukwazi ukwenza lokho.