Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Ngingakugwema Kanjani Ukucabanga Ngocansi?

Ngingakugwema Kanjani Ukucabanga Ngocansi?

Ongakwenza

Khetha abangane ngokuhlakanipha. Uma abangane bakho noma ofunda nabo beqala ukukhuluma ngokuziphatha kabi ngobulili, ukuhlanganyela kuleyo ngxoxo kuyokwenza kube nzima nakakhulu ukulawula imicabango yakho. Ngokuvamile ungayithola indlela yokushiya izingxoxo ezinjalo ngaphandle kokubonakala sengathi uzenza ngcono bese bekugcona.

Ungawavumela amagciwane ahlasele i-computer yakho? Pho kungani ufaka imicabango engcolile engqondweni yakho?

Balekela ezokuzijabulisa ezonakele. Ezokuzijabulisa eziningi namuhla zenzelwe ukuvusa izifiso zobulili ezingafanele. Sithini iseluleko seBhayibheli? “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) Gwema ezokuzijabulisa ezivusa izifiso zobulili.

Khumbula lokhu: Izifiso zobulili azizimbi. Empeleni, uNkulunkulu wadala owesilisa nowesifazane ukuba bakhangane futhi ukwanelisa isifiso sobulili kuyafaneleka emshadweni. Ngakho uma uba nezifiso zobulili ezinamandla, ungacabangi ukuthi umubi noma awusoze wakwazi ukuziphatha ngendlela ehlanzekile.

Iphuzu elisemqoka: Ungakhetha ukuthi ingqondo yakho igxila kuphi. Kokubili ukucabanga nokwenza kwakho kungaba msulwa uma ukhetha ukwenza kanjalo!